Inkantolo yeMantshi yasePinetown ibeke usuku okulindeleke ukuthi kuqalwe ngalo kuqulwe icala lokubulala elithweswe isosha lomMbutho wezempi kuleli elisolwa ngokubulala umkalo.
IMantshi uWendolyn Robinson ibeke uJulayi 23 nonyaka, eNkantolo yesiFunda yasePinetown ukuba kulalelwe icala elithweswe uMnuz Lwanda Zungu.
Usolwa ngokudubula abulale inkosikazi yakhe, uNkk Tania Msani-Zungu ngoJanuwari 3 nonyaka kubuka izingane zabo.
UMbuso uthe ihhovisi lomqondisi wophiko lwezokushushisa lithathe isinqumo sokuthi lingayi enkantolo enkulu leli cala kodwa lilalelwe kweyasePinetwon.
Umshushisi uNksz Nomcebo Xulu akazishongo izizathu eziholele kulesi sinqumo sabaphathi bakhe kodwa uthe uMbuso usubuqoqile ubufakazi ngecala, umi ngomumo.
Njengenjwayelo uZungu, oqatha ngomzimba, ungene enkantolo eshesha egqoke isikibha esinemikhono emide esinemibhalo, ibhulukwe eliluhlaza namateku.
Bathe bebeka isinqe emabhentshini abantu abebezothamela icala, wabe eseyophuma ngomnyango uZungu ebuyela ezitokisini icala selihlehlisiwe.
Laba bantu, iningi ebelikade lizokweseka umndeni kamufi, baze basizwa utolika obe esebakhanyisela ngobekushiwo imantshi kwazise akuthathanga sikhathi esingakanani icala lahlehliswa.