UMHOLI weDA, uMnuz John Steenhuisen, ubona ukuvela kweqembu eliholwa owayengumengameli, uJacob Zuma, iMK, kuzobasiza KwaZulu-Natal.
USteenhuisen uthe ukudla kweMK amavoti e-ANC kuzokwenza ukuthi iDA inqobe iKwaZulu-Natal okhethweni lwangoLwesithathu.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhankasa eNtuzuma, izolo.
USteenhuisen uthe kuzoshintsha izinto KwaZulu-Natal.
“Kuzokwenzeka isimanga lapha kwaZulu-Natal. IMK idla amavoti e-ANC, ngapha iDA iyakhula. IDA izokwenza kahle okhethweni. Sizokuba nondunankulu omusha lapha KwaZulu-Natal.”
USteenhuisen uthe umkhankaso wabo waKwaZulu-Natal unxuse amalungu eDA ukuba aqhubeke nokuqinisa umkhankaso.
“Sekusele kancane ukuthi ukhetho lufike. Manje asisekho isikhathi sokuphumula. Sesiyophumula emva kokhetho.”
Ogaqele isikhundla sikandunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Chris Pappas, uthe umkhankaso wabo waKwaZulu-Natal uhambe kahle kakhulu.
“Asikungabazi ukuthi la masela azophuma emandleni. Kufanele ngibathumelele umyalezo wokuthi bayaphuma, ukuze baqoqe zonke izinto zabo. Angifuni ukuthi uma ngifika lapha ehhovisi ngifice izimpahla zikaDube-Ncube (uNkk Nomusa). Bayaphuma la bantu.”
Izakhamuzi zaseNtuzuma zitshele uSteenhuisen ngezinkinga ezibhekene nazo.
Zikhale ngobugebengu, amathuba emisebenzi, izindlu nokungahanjiswa kwezidingo.
UNkk Chrimentina Ngcobo, uthe uhulumeni ophethe awumsizi ngalutho.
Uthe ngeke ephinde amvotele uMengameli, uCyril Ramaphosa.
“URamaphosa akangenzeli lutho, angimfuni. Ugangile kakhulu uRamaphosa. Babopha uZuma. URamaphosa yena akaboshwa ngani ngoba phela siyazizwa naye ezakhe izindaba?”
UNkk Ngcobo uthe akakanqumi ukuthi uzovotela liphi iqembu, wathi kuzokuba phakathi kweDA neMK.
“Mhlawumbe bazoba ngcono laba bebala elimhlophe, angazi.”
UNkk Ngcobo uthe indlu ahlala kuyona ayikho esimweni, wathi nemali yempesheni ayizaneli izidingo zakhe.
Uthe uhlala nomzukulu ofunde waze wagogoda, ongawutholi umsebenzi.
UNksz Khonzeni Nxele, uthe uyafisa ukuthi iDA ithole ithuba lokuphatha.
“Ngifisa ukuthi izingane zami zibe nekusasa eliqhakazile. Kusaphethe abamhlophe izingane ezincane zazingadlwengulwa. Manje izingane ziyabulawa, zilahlwe esigangeni. Angikaze ngimuzwe uhulumeni ophethe ekhuluma ngale nto. Sesisaba noma kuthiwa izingane ziya esikoleni, sishaywa uvalo ngoba asazi ukuthi kuzokwenzekani kuzo.”
UNksz Qhubo Ngema, onebhizinisi lokuwasha amateki, ukhale ngamathuba emisebenzi noxhaso kosomabhizinisi abasafufusa.