ZISAVUTHA ulaka izakhamizi zaseNingizimu Afrika ngokuziphatha kowohlelo Isencane Lengane. USiyacela Dlamuka oshadelwe uThando nabanohlelo lwempilo yabo kwiMoja Love bashaqisa abaningi kuvela izindaba zokuthi usembeka isandla unkosikazi. USiyacela ubelokhu ekhale njalo ngabantu asola ukuthi bagxambukela emshadweni wakhe futhi yibona abathathela uThando izinqumo.
Isiteshi sethelevishini iMoja Love sibazamela usizo ngezindlela ezahlukene laba abashadile njengoba sekuvela nakulolu hlelo belulekwa ongoti. USiyacela yize ebekuveza ukuthi waba nephutha futhi exolisa kodwa abantu banengwe indlela ebekhuluma ngayo ngisho nanosonhlalakahle. Kuze kwaba kabili ebonakala eshiya phakathi inkulumo waveza nokuthi ngokwakhe akaboni izindaba zothando lwabo kumele zingenwe abanye abantu nokwenza angakuthandi nokwelulekwa.
" Bengingathandi ukuya, ngiyaya nje ngiyaziphoqa," kusho uSiyacela kuqala uhlelo.
" Angikuthandi ukushaywa ngoba kuzoba sengathi ngiyahlukumezeka, nami sengizizwa sengathi ngiyahlukumezeka," kusho uThando.
Abantu badinwe bayaveva indlela uSiyacela alokhu evela eziphethe ngayo nabasola ukuthi akazisoli usenzela amehlo abantu uma exolisa kuThando.
" UThando usemncane kakhulu ukuthi angamelana noSiyacela," kusho uBikeR626.
Unina kaThando esiqeshini sayizolo uveze ukuthi ufisa engabe akushonanga uyise kaSiyacela okungenani ukube kwashona yena uqobo uSiyacela.
" Ungichazile umama kaThando ngokusho ukuthi ufisa engabe kwaba uSiyacela owashona kunoDlamuka," kusho uJoy Zelda.
IMoja Love iphinde yenza isiqephu esikhethekile esibhekene ngqo nale nkinga yalaba abashadile. ULinda " “Mr Magic" Sibiya ubethula lolu hlelo elethe ongoti abahlukene, abomkhankaso olwa nesihlava sodlame lobulili othi Not In My Name kanjalo noSello Maake kaNcube obedodisa uSiyacela bukhoma kulesi siqephu.