LUYINZUKAZIKEYI udaba lwamanzi kuMasipala waseThekwini njengoba iningi lezakhamuzi ligcine ukuba namanzi aphuma kompompi ngoLwesine.
Njengoba kade kuyimpelasonto, ezinye izingane ezifundayo aziwashile ngoba amanzi abengekho impelasonto yonke. Kwezinye izindawo ugesi awukho, nakhona sekuphele izinsuku ezintathu ungekho, emadolobheni afana naseThekwini, eSiphingo, kanti imfucuza isakazwe emigwaqweni.
Ukuphazamiseka kokulethwa kwezidingo ezifana namanzi nogesi, ukuqoqa kwemfucuza kweyamaniswa nesiteleka sabasebenzi abangaphansi kwenyunyana, iSouth African Municipal Workers' Union (Samwu).
Abasebenza bakuMasipala iTheku bangene esitelekeni befuna ukuthi umqashi akhulume nabo mayelana nokuthi iholo labo lingaphansi kwelozakwazo abasebenza komasipala abangama-metro, i-Ekurhuleni nawamasipala waseKapa ekubeni belawulwa umthetho ofanayo.
Umasipala usola abasebenzi ngokuthi bangene esitelekekeni esingekho emthethweni, bachitha udoti baphazamisa ukuthunyelwa kwezidingo kubantu. Ngenxa yalokhu, umasipala uthole incwadi yenkantolo evimbela abasebenzi ukuthi bazibandakanye nesiteleka.
UMnuz Siya Dladla weSamwu, uthe kuze kube manje umqashi akakaze ahlangane nabo njengoba kade becelile, ayikho impendulo abasayitholile echaza ukuthi bazohlangana nini ukuze kudingidwe lolu daba.
"Siyayihlonipha incwadi yenkantolo," kusho uDladla.
Ebuzwa ukuthi uma kunjalo ngabe sebebuyele yini emsebenzini, akaphendulanga ngokuqondile, uthe bayawuhlonipha umthetho. Waqhubeka wathi ngabathile abazicabangelayo ukuthi ibona abathintekayo ekuphazamisekeni kokulethwa kwezidingo
UMasipala weTheku izolo, uthumele isimemo ezintathelini uthi uzoba nesithangami sabezindaba khona izolo, wabuye wasihlehlisa, wathi uzozazisa izintatheli ukuthi sinini.
Ezindaweni ezisenyakatho yeTheku okuyiseVerulam, ePhoenix, KwaMashu, Ntuzuma, eNanda nakwezinye, umphakathi ubuhlangana nawo uphethe izigubhu namabhakede, uhambe ubheka amanzi. Kwabanye ompompi abasemigwaqweni abephuma amanzi kodwa kwabanye abengasaphumi.
UNksz Nomusa Mkhize oyisakhamuzi saKwaMashu, uthe ubehlale enamanzi awafake emabhekedeni okugada ingozi, aseze aphela njengoba sekuphele izinsuku ezintathu amanzi engekho kulendawo.
"Isimo esiphila ngaphansi kwaso sinzima kakhulu. Selokhu ephelile amanzi iloli ewalethayo ayifiki, amathoyilethi ayanuka, izingubo aziwashiwe kakhulukazi ezabantu abasebenzayo nezingane zesikole. Endlini akusahlanzwa ngoba amanzi amancane esinawo siwongela ukupheka nokuphuza," kusho yena.
Ezindaweni ezihlala omntakabani ezifana naseMorningside naseWestville amanzi ake avaleka nakuzona ngoMgqibelo emini kodwa izolo abesebuyile