UPHUNYUKE emlonyeni wengwenya umculi kamaskandi ngemva kokuhlaselwa yizigubengu ebezihlomile emzini wakhe, zashaqa impahla namaselelula eVosloroous, eGoli.
UBoneni Magubane, wodumo lwengoma ethi Izigi, ubhale ekhasini lakhe kwiFacebook kuleli sonto ebonga uMdali ngokumhlenga.
Lo mculi ubonge amandla omkhuleko wathi yena nezingane zakhe bangenelwe yizigebengu ezimbili ebezihlomile. Uthe zingene ngabo-8 ebusuku kuleli sonto zafuna ngodli izingcingo zabo zibakhombe ngezibhamu.
“Sikhohlwe ukukhiya isango lasemnyango. Sabona ngamadoda egulukudele endlini maqede afuna izingcingo zethu. Kuthe uma eqeda ukuzithatha, aphuma endlini ahamba. Sisale nezingane saguqa ngamadolo sikhuleka kuMdali, sibonga ukuthi ahambe lamadoda engasilimazanga,” kusho uBoneni.
Bathe besakhuleka, aphinda amadoda agulukudela endlini athatha yonke impahla esebenza ngogesi, amakhadi asemabhange nomazisi ngokusho kwakhe.
Uthi abe sebhekisa isibhamu phezulu adubula kanye ngenhloso yokubasabisa ngokulandisa kukaBoneni, maqede ahamba nezimpahla.
Imizamo yokuthola umculi ayiphumelelanga njengoba izingcingo zakhe zonke bezingangeni. Kuthintwa omunye wabajwayelene naye, uHlanganani Mthalane, ukuqinisekisile ukuthi uBoneni ungenelwe yizigebengu.
“Ngizwile ngesigameko esibehlele. Izinombolo abatholakala kuzo angikabi nazo nami,” kusho uHlanganani.
UColonel Lieutenant Mavela Masondo, ethintwa mayelana nesigameko uthembise ukuthi uzoxhumana namaphoyisa mayelana nodaba kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engabuyeli entathelini.