USHIYE angalazi kumsakazi woKhozi FM, uZimdollar, uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele, kungcwatshwa iphoyisa lophiko lweNational Investigation Unit (NIU) kwa-L KwaMashu, izolo.
UCele ubekhuluma enkonzweni yomngcwabo kaWarrant Officer Sthembiso Mazibuko (40) waseMaphephetheni, eNanda, okuthiwa ushone omva kokudutshulwa yizigebengu eNtuzuma ngoLwesibili.
UCele uthe: “Kunentombazane la okuthiwa uZimdollar, yahamba yaya emsakazweni yayokhonkotha khona. Yakhonkotha, ikhonkotha into eyiyithandayo,” kusho uCele.
Uqhube wathi zimbili izinto “ezikhonkothwe” nguZimdollar emsakazweni.
“Eyokuqala; wathi yena wafelwa ngabafowabo angazanga ukuthi bafa kanjani bebulawa iNIU. Wathi iNIU iyesatshwa, uma kufika yona abantu bayayisaba. Ngamafishane okusho ukuthi wayesho ukuthi abantu abangayisabi, yikho-ke namuhla sila,” kusho uCele.
Uqhube wathi ukuhlangana kwamaphoyisa engcwaba uzakwabo kuyimiphumela yenkulumo yomuntu osebenzela i-SABC.
Ubuye wathi okwesibili okushiwo uZimdollar ukuthi i-NIU, ifika abantu bezihlalele, bese iyabadubula.
“Okusho ukuthi wayenikezela umyalelo wokuthi i-NIU idutshulwe. Akajabule-ke uZimdollar ukuthi i-NIU idutshuliwe, yiyo le (esho ekhomba ibhokisi),” kusho uCele.
Eqhubeka nokuzwakalisa ilaka lakhe uCele, uthe uyafisa ukwazi ukuthi i-SABC ithule uthini uma umuntu osebenza khona esebenzisa umsakazo womphakathi ukumemeza izinto ezingakhi.
“Akachazanga ukuthi laba bafowabo akhuluma ngabo athi babulawa ngamaphoyisa benzani, sonichazela ngelinye ilanga,” kusho uCele.
Umsole ngokusebenzisa isikhondlakhondla somsakazo ukweseka izigebengu, abe umkhulumeli wazo.
“Ngifuna ukwazi ukuthi iSABC uzothini ngale nkulumo esinomphumela,” kusho uCele.
Ilaka likaCele lisuka esigamekweni esenzeke ngasekupheleni kwenyanga edlule, lapho iNIU idubulana nabasolwa ngobugebengu eBallito.
Kuleso sigameko kwashona ababili okubalwa noMnuz Nkululeko Mkhize, nguye lona uZimdollar agcina esekhomba amaphoyisa ngenjumbane ngokudutshulwa kwakhe.
Eqhubeka nenkulumo yakhe uCele, ukhale ngokuthi selokhu aqala ukusebenza namaphoyisa engumkhuzi wamaPhoyisa noNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule, uyaqala ukungcwaba iphoyisa lophiko lweNIU elife ngokubulawa yizigebengu.
Uthe ufuna ukuthi lokhu kugcine, wathi njengoba iphakiwe impi ebhekiswe emaphoyiseni, namaphoyisa awaphake eyawo, azishanele izigebengu ezisemphakathini.
UCele ubuye waphawula ngababhiyoza emingcwabeni yezigebengu, baqhumise izibhamu, kubungazwa impilo yesigebengu, wathi amaphoyisa kumele akunqande lokhu.
Uthe isigebengu kumele sigadwe kuze kube siyongena egodini, wenza umzekelo ngesigameko sikaMkhize emngcwabeni wakhe okwakugcwele amaphoyisa eqaphile.
Uphawule nangokubulawa kwabesifazane uma amaphoyisa edubulana nezigebengu.
UCele uthe uyazizwa izikhalo zokuthi amaphoyisa asengaze adubule nabesifazane pho, wathi nabo bayazibuza ukuthi amantombazane asengaze ahambe nezigebengu pho?
Ubuye wakhala ngabafuya izigebengu ezindlini wathi kukhona okusanda kutholwa kubo umshini wokubala imali kodwa abanasitolo futhi abasebenzi. Wabuza ukuthi umuntu usuke ethule ethini ebona umshini wokubala imali kodwa kungekho thilomu?
Okhulumela iSABC uMmoni Seapelelo uthintiwe ngokushiwo uCele, wacela ukuthi athunyelelwe imibuzo nge-email. Uthembisile ukuthi uzogcina ephendulile.
Okhulumele umndeni wakwaMazibuko, uMnuz Jabulani Mazibuko, uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokufa kukamufi.
“Silahlekelwe thina ngoSthembiso. Ubeyingane kithina, eyiqhawe, enesibindi futhi ubephinde abe netshisekelo yokwenza izinto ezinhle empilweni yakhe,” kusho uMazibuko.
Uthe bakhathazekile ngokudlanga kobugebengu emphakathini.
“Manje asisalwi nezigebengwana nje kodwa silwa nezigebengu ezisezingeni eliphezulu,” kusho uMazibuko.
Enkonzweni yomngcwabo amaphoyisa abegqoke zaphelela ezamaphoyisa abegcwele ihholo. Kube umuzwa othinta noma ngubani indodana kamufi yokugcina enonyaka, isukuma iyothinta izithombe zikayise ebezibekwe phambi kwebhokisi. Izinyembezi bezizehlela kwabanye bozakwabo ebebesebenza eduze nomufi.