UBALISA ngobunzima obhekene nabo umndeni wakwaNyathi, eSonyongwane, eMzimkhulu ngemuva kokushona kukababa wekhaya ngesikhathi ebona isidumbu sendodana ebizongcwatshwa.
Ubaba wekhaya, uMnuz Bhekithemba Nyathi (64) kuthiwa uvele wawa washona ngoMgqibelo ntambama ngesikhathi kufika isidumbu sendodana yakhe, uMnuz Swelihle Nyathi (27).
Kuvela ukuthi indodana yakhe beyisebenzela eFree State ingunogada kwenye inkampani.
Kuthiwa ixabane nomngani wayo ogcine ngokuyigwaza yashona. Akucaci ukuthi ingxabano ibimayelana nani.
Kuvela ukuthi ubaba ubelokhu ebalise njalo ngokufa kwendodana yakhe ekhala ngokuthi uzoba yini ngozinyobulala wakhe. Kuthiwa ubebalisa ngokuthi indodana yakhe ishone isanda kulobola.
Ilungu lomndeni elikhulume neSolezwe, uNkk Nomaswazi Khumalo (uMaNyathi) ongudadewabo omncane kababa wekhaya, uthe bayakweshwama okubehlele.
"Besisazikhotha amanxeba ngodaba lokufa kwendodana yethu kanti asazi ukuthi kuzolandela uyise. Izinhliziyo zethu ziyathatha ziyabeka futhi ziyabhibha zinjalo nje,’’ usho kanje.
Uthe ibethusile kakhulu indlela uyise kamufi ahayize ngayo kungena isidumbu endlini.
"Ubungaze ufunge ukuthi kukhala umuntu wesifazane. Besingazi ukuthi usekhala okokugcina,'' kusho uNkk Khumalo.
Uthe kuthe eqeda ukuhayiza washayeka phansi akuphelanga mizuzu emingaki wathula. Uthe kumane kwahlwa emini kubona.
"Indlela okwenzeke ngayo isethusile sonke njengomndeni. Siyazibuza siyaziphendula ukuthi ngempela sivelelwa yini,'' usho kanje.
Uthe uqhubekile umngcwabo wendodana ngeSonto. "Njengamanje senza amanye amalungiselelo omunye futhi umngcwabo. Angikaze ngiyibone mina into enjengalena,’’ usho kanje.
Uthe okunye abakusolayo ngokuwa kukababa uma ebona kungena ibhokisi lendodana yakhe ukuthi kungenzeka umane wacabanga ngomkakhe okungakapheli ngisho izinyanga ezimbili ebandakanyeke engozini yemoto washona.