USHAYE ungqimphothwe wabuya wase ebeka imibandela eqinile ummeli wabasolwa abane ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, u-Advocate Malesela Teffo, emuva kokuhoxa isigubhukane.
Wahoxa ekhala ngokuhlukunyezwa yiNkantolo noMbuso.
Emaphepheni awathumelele u-Advocate George Baloyi, ongumshushisi ecaleni izolo, uTeffo uthe usethathe isinqumo sokuthi aphinde aqhubeke nokumela abasolwa kodwa ngaphansi kwemibandela ethile.
Phakathi kwayo, uTeffo uthe abazimisele ngokuya ecaleni uma selibuyela ngo-Agasti 2, uma kuwukuthi imibandela abayibekayo ishaywa indiva.
Uthe udinga ukuthi ukuvela kwabasolwa abamele kuhlukaniswe nalokhu kukamsolwa wesihlanu nommeli wakhe, u-Advocate Zandile Mshololo.
Uthe umbandela wesibili wukuthi ukuqulwa kwecala kwenganyelwe yiJaji uBert Bam.
Ebhekise kuBaloyi uTeffo uthe: “Wena Advocate Baloyi, omele uMbuso, awunalo igunya lokwengamela leli cala, ngakho sibiza umqondisi wezokushushiswa komphakathi ukuthi aqoke omunye umshushisi ukuthi amele uMbuso kuleli cala.”
Uqhube wathi uBrigadier Bongani Gininda, ongumphenyi ohola uphenyo kuleli cala kufanele aqale ngokuhoxiswa, abekwe amacala bese eyashushiswa ngokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Echaza uthe uGininda wantshontsha incwadi efungelwe eyabhalwa uMnuz Hlophe ongumlamu kamufi.
okhulumela umndeni wakwameyiwa uMnuz Sfiso meyiwa akatholakalanga ukuphawula kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.