UMPHATHISWA wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, usezosebenzela ngokugcwele Olundi, esiShayamthetho esidala.
ISilo uMisuzulu kaZwelithini sizovula ngokusemthethweni amahhovisi okuzosebenzela kuwo uButhelezi, ngesonto elizayo.
Lezi zindaba zivezwe uButhelezi, engxoxweni ekhethekile abe nayo neSolezwe.
UButhelezi, obuye abe uNdunankulu kaZulu, uthe uqoke ukuyosebenzela oLundi ukuze lingashabalali iphupho likandunankulu kaZulu ongasekho, inkosi Mangosuthu Buthelezi.
IsiShayamthetho esisoLundi sakhiwa ngesikhathi inkosi Mangosuthu isaphethe uhulumeni waKwaZulu, futhi uhulumeni waKwaZulu-Natal ubusebenzela kulesi sakhiwo kwaze kwaba uthuthela eMgungundlovu ngo-2004.
“AmaNgisi alishisa uNdi ngo-1838, uMntwana waluvusa ngo-1986 ngokwakha isiShayamthetho kwaze kwaba siyathutha ngo-2004. Kusho lukhulu ukuthi kube khona okungenani umphathiswa oyedwa ozosebenzela oNdini.
“Bekusiphatha kabi thina esakhuliswa uMntwana ukuthi umsebenzi ongaka awenzayo bese uvele uba yize leze. Mkhulu umsebenzi owenziwa uMntwana oLundi, akufanele ushabalale.”
UButhelezi uthe kusho lukhulu ukuthi amahhovisi azovulwa iNdlulamithi yamakhosi.
“Ukubusiswa komsebenzi iSilo kusho ukuphelela kukaZulu. Kusho ukuvuka koLundi okukade bezama ukulucisha. Kwaqala ngamaNgisi ashisa isigodlo.”
Umcimbi wokuvulwa kwamahhonisi asoLundi uzokuba ngoLwesine.
UButhelezi uthe abanye abasebenzi bomnyango bazoqhubeka basebenzele emahhovisi omnyango aseMgungundlovu nakwezinye izindawo.
UButhelezi uthe ukulindele ukuthi isinqumo sakhe sokusebenzela oLundi sisuse umsindo.
Abaphikisana nesinqumo sikaButhelezi bakhala ngokuthi ukusebenzela kwakhe oLundi kuzokwandisa izindleko zokukhokhela abasebenzi bomnyango abazokube begqigqa oLundi.
“Sikulindele lokho ukuthi uma kukhulunywa ngento ezothuthukisa izindawo zasemakhaya bese kuba khona abazokhala ngokuthi kumoshwa imali. La bantu abakhali uma kuthuthukiswa izindawo zasemadolobheni. Into okufanele bayazi ukuthi abantu basoLundi nabo bayingxenye yabantu baKwaZulu-Natal. Nabo kufanele bahlomule ezinhlelweni zentuthuko.”
UButhelezi uthatha isinqumo sokuyosebenzela oLundi nje ahlukene phakathi amaqembu aphethe ngokubambisana ngodaba lokubuyela kwesiShayamthetho oLundi.
Ngesikhathi kubhekwe okhethweni lwangoMeyi amaqembu i-IFP neNFP ayethembise ukuthi isiShayamthetho saKwaZulu-Natal sizobuyela oLundi.
I-ANC neDA bayaphikisana nombono wokuthi isiShayamthetho sibuyele oLundi.
Ngesikhathi ikhabhinethi laKwaZulu-Natal liyokotha iSilo, uNdunankulu, uMnuz Thami Ntuli, wathi basazoluxoxa lolu daba.