USEZITHEBENI zePhalamende umgomo woMnyango weMfundo eyisiSekelo, wokuzama ukunqanda ukukhulelwa kwabafundi besasezikoleni.
UNgqongqoshe womnyango, uNkk Angie Motshekga, wazise uSomlomo wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, ngomgomo osudluliselwe ekomitini lomnyango ePhalamende.
Inhloso yawo ngukuthi kunqandwe ukuxoshwa kwabafundi abakhulelwe okunalokho banikwe usizo ngaphambi kokubeletha nangemuva kokubeletha.
Izibalo ziveza ukuthi bangaphezu kuka-150 000 abafundi abakhulelwe onyakeni wezimali u-2021/2022 besafunda.
Kulezi zibalo kuvela ukuthi kukhulelwe amantombazane angu-396, aphakathi kuka-10 no-14 weminyaka.
Umgomo womnyango ubalula ukuthi umfundi osenezinyanga eziyisithupha ekhulelwe, kumele alethe incwadi kadokotela eveza ukuthi uzobeletha nini.
Le ncwadi kumele ayinike uthishanhloko noma uthisha wakhe kanti kumele iveze ukuthi abukho ubungozi ngokuthi umfundi abe sesikoleni.
Ubalula ukuthi angaqhubeka afunde aze abe nezinyanga eziyisishiyagalombili.
“Uma umfundi okhulelwe engaphansi kweminyaka engu-16, kuzodingeka ukuthi kubikelwe amaphoyisa ukuze kuthathelwe lowo omkhulelisile uma engaphezu kuka-16 weminyaka. Uma kungukuthi ukhuleliswe nguthisha, uyothathelwa izinyathelo zomthetho aphinde ashushiswe ngumkhandlu olawula othisha iSouth African Council for Educators,” ngokomgomo womnyango.
Ubalula nokuthi abafundi asebebelethile kumele babuyiselwe ebangeni abebelifunda noma badluliselwe kwelilandelayo kanti kuyicala ukuxosha umfundi okhulelwe.
UNkk Motshekga uthi bafuna abafundi ababelethile babuyele esikoleni bangasidubi ngoba sebekhulelwe noma ngoba sebebelethile
Ukhala ngokuthi inkinga yokukhulelwa kwabafundi akuyona eyabo kuphela, nabazali kanjalo nomphakathi kufanele ubambe iqhaza ekulweni nalesi sihlava.
KwaZulu-Natal, uMphathiswa wezeMpilo uNksz Nomagugu Simelane, uke waveza ukuthi zingu-49 izingane ezibelethwe omama abasebancane ngoKhisimusi nyakenye.
Kulabo mama kukhona nababeneminyaka engu-14. NgoNcibijane uthe bangu-50 omama abasebancane ababelethile.
Kulaba kukhona owayeneminyaka engu-15.
Izibalo ziveza ukuthi esifundazweni onyakeni wezimali u-2022/2023 kukhulelwe abafundi abangu-25 239.