UMCULI kamaskandi owine iBest African Artist Award emqhudelwaneni waseZimbabwe nyakenye, uXolani "Sxubho Samantombazane" Mkhize, usekubhaceni emuva kokusinda ethunjwa yiqulu labantu abazibize ngamaphoyisa.
UXolani, ongumholi waBafana BakaMolo Bangempela futhi obuye acule eqenjini lombhaqanga, Ofeleba, uthe wahlaselwa ngabantu besilisa lapho ehlala khona ngoDisemba 27 ngezithuba zabo-8.30 ekuseni
Uthe bafike bazibiza ngamaphoyisa asebenzisana nenkampani eqoqa intela kuleli (Sars) maqede bamngenela ngezibhakela nangezimpama, bemsola ngokuqhumisa izimoto zemali.
"Babebuza ukuthi ngisuke ngiyithathaphi imali engihlale ngiyifaka noma ngiyikhipha ko-Eastgate. Ngabatshela ukuthi ngisuke ngithunywe yinkampani engiyisebenzelayo iSizwe Transport kodwa bangezwa lutho. Baqhubeka nokungishaya," kusho uXolani, odabuka eNkandla kodwa oqale ukuzakhela udumo ngokugidela umculi ongasekho, uBhekumuzi Luthuli.
Uthe babe sebemthathela imali yeSizwe Transport abezoya koyifaka ebhange neyakhe enguR60 000 abezoya kokwembesa ngayo ekhweni lakhe.
Eqhuba, uthe sebedelile ukumshaya, bahamba naye baye bayomlahla emgwaqweni ophakathi kwaseVosloorus naseSpruitview, eMpumalanga yeGoli.
Amaphoyisa asesiteshini iDawn Park akuqinisekisile ukuvulwa kwecala lokugcwelezwa kukaXolani. Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uColonel Dimakatso Nevhuhulwi, usiqinisekisile lesi sigameko.
“Kuvulwe icala lokubanjwa inkunzi emzini, nelokuthumba livuliwe. Kusaphenywa. Abekho abasolwa abasaboshiwe okwamanje,” kuphetha uColonel Nevhuhulwi.
Akukhona okokuqala uXolani esinda ehlaselwa yizigebengu. Ngo-Agasti 2021 wake wangeniswa esibhedlela sase-Edenvale, eGoli, kukubi njengoba ayedutshulwe ekhanda nasezingalweni. NangoJulayi 2016 wasindiswa wukuthi wayengekho kugwazwa kubulawa amalungu amathathu aBafana Bakamolo Bangempela, okwakunguLebohang Dlamini, Mxolisi Hlabeni noLehlohonolo Mofokeng.
Abafana BakaMolo yiqembu elasungulwa nguBhekumuzi ngo-2006 kodwa emuva kokudlula kwakhe emhlabeni ngo-2010 labe selihlakazeka leli qembu.
Njengamanje kunaBafana BakaMolo abaholwa nguGearbox Mtshali naBafana BakaMolo Bangempela abaholwa nguXolani, bobabili okungabaseNkandla. Nawo la maqembu ayagadlana ngezingoma.