UMCULI kamaskandi ophinde abe ngusomatekisi ongumsolwa wesibili ecaleni lokubulawa komrepha uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane usole amaphoyisa ngokuchema nomndeni abasembangweni nawo embonini yamatekisi.
ULindani Zenzele Ndimande (36) odume ngelikaShiselansimbi kumaskandi efaka isicelo sakhe sebheyili enkantololo yeMantshi eThekwini, ngoMsombuluko, ngesitatimende esifungelwe esifundwe ummeli wakhe, u-Advocate Joe Wolmarans, kuvele ukuthi useke wagwetshwa iminyaka engu-10 ngecala lokubamba inkunzi esebenzisa isihluku.
Uveze nokuthi umndeni wakhe ugxile kakhulu embonini yamatekisi, yena unawakhe amatekisi amane, amngenisela u-R250 000 ngenyanga.
Ubuye waveza ukuthi ngenxa yombango werenki yamatekisi aseMalukazi nomndeni wakwaGumede, uselahlekelwe amalungu omndeni ayisithupha, edutshulwa wuphiko lwamaphoyisa uNational Intervention Unit (NIU).
“Lolu phiko lumi ngasohlangothini lomndeni esingabhekani nawo,” kusho isitatimende sikaNdimande.
Udalule ukuthi ngenxa yale mpi, izelamani zakubo ezimbili, nazo ezithintekayo kuleli cala, zaphoqeleka ukuthi ziyobhaca eSwatini.
“Zazibalekela iNIU, eyayifuna ukuzisoconga,” kusho isitatimende.
Lesi sitatimende siveze ukuthi unengoduso ayithembise umshado kanti ulungiselela ukushada, waveza nokuthi unezingane ezineminyaka ephakathi kowodwa neminyaka engu-15.
Uthe izingane zakhe, umndeni wakhe nebhizinisi lakhe lamatekisi, konke kubheke yena, yikho efuna ukukhishwa ngebheyili.
UNdimande ufake isicelo sebheyili emuva kwesomsolwa wokuqala nowesithathu ngoLwesine olwedlule.
Sekubuywa ekhefini lesikhashana, kuqubuke inkulumo-mpikiswano phakathi kukamshushisi woMbuso, u-Advocate Lawrence Gcaba noWolmarans, kubangwa amaphepha anohlu lwamacala ezelamani zakwaNdimande eziboshwe eSwatini, nazo ezisolwa kuleli cala.
Ngesikhathi uWolmarans esezofunda isitatimende esifungelwe somsolwa wesine, uMnuz Mziwethemba Gwabini, uGcaba uqale waveza ukuthi akaqondi ukuthi ukuxhumana kwakhe nommeli, uNksz Yolanda Gielink, omele ummangalelwa wesithathu, ngama-email kugcine kufinyelela kanjani kwabanye abameli.
“Ngithole ukuthi ama-email ami aseyingxenye yesicelo sikamsolwa wesine. Bengingabafakanga laba bameli ngesizathu ezithize, kungimangazile uma sengibona ama-email ami eseyingxenye yesicelo sikammangalelwa wesine,” kusho uGcaba.
Mayelana nalokhu, uWolmarans uthe emva kwesikhalo sikaGcaba, bagcine beyisusa ingxenye uGcaba abekhala ngokuthi ifinyelele kanjani kubona.
UGcaba uphinde wezwakalisa ukungenami ngokuthola ukuthi esicelweni sikaGwabini sebheyili siqukethe uhlu lwamacala ezelamani zakwaNdimande ezihamba icala eNkantolo yaKwaManzini, eSwatini.
“Ngimangazwa ukuthi amaphepha enkantolo yakwelinye izwe, afike kanjani kwelinye izwe,” kusho uGcaba.
Uthe okubuye kudide kakhulu ukuthi leli phepha liphinde libe namanothi abhalwe ngesandla.
“Sizokwazi ngani ukuthi leli phepha kuseyilo elahanjiswa enkantolo yakuleliya lizwe?” kubuza uGcaba, ongeze ngelithi uyafisa ukwazi ukuthi ingabe ubani obhale amanothi akula maphepha.
Imantshi, uMnuz Vincent Hlatshwayo, ithe aliguqe icala liqhubeke namuhla ngenxa yokuthi amanzi awekho enkantolo, nokho wakhala ngokuthi sekuwusuku lwesibili abameli bekhombisa ukuthi abazihlelele ngokwanele njengoba befaka isicelo sebheyili sabasolwa.