BAGXEKWE kakhulu abazali bentokazi esencane evela ohlelweni lwethelevishini kwiMoja Love, Isencane Lengane, eshade noSiyacela Dlamuka, kuthiwa bathule indodakazi yaboihlukunyezwa.
UThando uke waveza ukuthi uthelwa isibhaxu wumyeni wakhe, bobabili abashada beneminyaka ewu16.
Uyise kaThando, uThembinkosi Thabethe (41) waseMayville, utshele leli phephandaba ukuthi nabo bathuka sebekubona kwithelevishini ukuhlukunyezwa kwendodakazi yabo.
UThabethe uthe naye uqobo wafisa ukungena kuyona ithelevishini ambambe ngezandla uSiyacela. Selokhu kuvele lesi siqephu sokushaywa kukaThando, uyise uthe usephenduke inhlekisa ebantwini bemsola ngobugwala. UThabethe uthe cishe zonke izinsuku kumele abachazele abantu ngokwenzeka empilweni yabo.
"Nabantu bayangivimba emgwaqweni bethi ngiyamsaba uSiyacela kanti akunjalo, ngeke ngimshaye ngoba usemncane kumele ngimcathulise. Indaba yabo yasukunyelwa nabo bayayilungisa ngokwabo. Nami ngiyazama ukwakha ubudlelwane noThando. Ngiwumzali kubona, kumele uSiyacela akwamukele ukuthi ngizothetha uma kukhona okungahambi kahle," kusho uThabethe.
Eqhuba, uveze ukuthi isimo phakathi kwakhe noSiyacela asikaze sibesihle kodwa ngoba uthanda uThando nomzukulu wakhe, uzokwenza konke okusemandleni, nonkosikazi wakhe, ukulungisa isimo.
Lokhu uThabethe uthe bewumndeni bafisa ukukwenza ngokubambis ananomndeni kaSiyacela ngaphandle kwamakhamera.
"Nginezifiso ezinkulu ngoThando nodadewethu uyangeseka ngoba sifisa abuyele esikoleni noma aqeqeshelwe ikhono lomsebenzi awuthandayo. Ngiyalivuma icala lokuthi ngamgcina eneminyaka eyisikhombisa, satholana esenengu-15 eyoshada. Ngeke ngisakushintsha lokho kodwa ngibheke okuhle esingakwenza naye," kusho uThabethe.
Uthe njengoba uThando esenengane, uyafisa ukuyibona njengomzukulu wakhe kodwa uSiyacela ushaya phansi ngonyawo nokungezinye zezinkinga afisa bazilungise. Uthe okuvela ohlelweni kuyiqiniso konke futhi nezinga lokungazwani kwabo lisefana ngoba kumphatha kabi ukubona indodakazi yakhe izinze emakhaya kodwa uSiyacela eseThekwini, nentombi ebuye ishaye uThando.
UThabethe unguyise wamadodakazi amabili, uThando ungowesibili njengoba eshiyana ngonyaka nodadewabo omdala. Ushadelwe, unkosikazi asethandane naye iminyaka ewu-25 neminyaka eyisishagalolunye emshadweni.
Ephetha, uthe kuyamhlukumeza ukuthi uThando selokhu agcina kubo eminyakeni emibili edlule njengoba begcine bebonana endaweni yokudla nyakenye, behlanganiswa wuhlelo.
Lokhu uthe akuhlukumezi yena kuphela kodwa nomndeni wakhe uqobo, ushayekile ngoba ubusunethemba lokuthi batholene.
Uthe uyafisa amadodakazi akhe abe nobudlelwane noThando ngoba ayamthanda nawo njengoba esemazi.