USHAYE ungqimphothwe enkantolo, wathi usefuna ibheyili umsolwa wesibili ecaleni lokudlwengulwa nokubulawa komfundi eMlaza.
UMnuz Bongani Jali (25) ongummangalelwa wesibili ecaleni lokugwazwa kubulawe uWandile Ngcobo (17), ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza.
Ungene nommangalelwa wokuqala uMnuz Sfundo Bhengu (39) owayengumakhelwane kamufi, futhi owayengaphandle ngoshwele onikwa iziboshwa.
Phambilini, lawa madoda ayekade eyibongile ibheyili kodwa uJali ujikile izolo. Lokhu kunenge amalungu omphakathi abekade esenkantolo ezokweseka uyise kamufi, uMnuz Mondli Ngcobo.
Imantshi ikubekele uLwesithathu ngesonto elizayo ukulalelwa kwesicelo sebheyili.
Uma seyiphothuliwe ibheyili, bobabili abammangalelwa bayobuyela enkantolo efanayo ngoDisemba.
Umshushisi uMnuz Khulekani Mzotho, uthe basalinde imiphumela yolibofuzo, eyamaselula neye-tracker. Uthe sekuphothuliwe ukuthathwa kwezitatimende kofakazi.
Abasolwa bebebukeka bezikhululekele nje, uma bephenduka bebuka abathamele icala, kuvungame inkantolo abanye abantu bebuza: “Nisibukani nina zikhohlakali ngoba ngeke nisenze lutho. Nabulala ingane ngesihluku. Nifanelwe ukufela ejele nina.”
UNgcobo uthe kusenzima ukwamukela indlela okwabulawa ngayo indodakazi yakhe eyayinephupho lokuba ngusomabhizinisi ogxile kwezolimo.
“Indokazi yami encane, elama uWandile, ihamba odokotela, ithola ukweluleka ngokwengqondo ngenxa yesimo esasehlela. Kwamina angikho kahle emoyeni. Lona ofaka ibheyili sifuna angayinuki, balunge besejele,” kusho uNgcobo.
Isidumbu sikaWandile, owayengumfundi kaGrade 11, eDurban Girls Secondary, satholakala kubo ngoMeyi nonyaka, siboshwe izandla nge-pentihose, elinye lifakwe emlonyeni, sinamanxeba amahlanu okugwazwa. Kusolakala ukuthi wadlwengulwa.
Kuthiwa umufi wayengabhali izivivinyo ngosuku lwesehlo, eyedwa kubo. Esebulewe, kuthiwa kwebiwa iTV, iDStv decoder, i-remote neselula kamufi.
Yiyona iselula abaphenyi okuthiwa bayithola kuJali kwase kuboshwa noBhengu owayesebhace KwaShembe, eClermont.
Ngesikhathi sesigameko uBhengu wayengaphandle ngoshwele onikwa iziboshwa ngecala ayelidonsela.