AWUKAVALWA umnyango emaqenjini ezepolitiki achayise umhlangano wamaqembu ezepolitiki ahlela ukuketula i-ANC.
Usihlalo wezingxoxo zamaqembu afuna ukubusa ngokubambisana emva kokhetho lwangonyaka ozayo uSolwazi William Gumede, uthe bahlela ukuxoxa namanye amaqembu ezepolitiki angayona ingxenye yezingxoxo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yokuvula umcimbi wezinsuku ezimbili wala maqembu.
Amaqembu aphikisayo njenge-EFF, UDM namanye ameleleke aPhalamende awayona ingxenye yezingxoxo ezizophothulwa namhlanje, eGoli.
UGumede uthe kubalulekile ukuthi wonke amaqembu aphikisayo abe yingxenye yezingxoxo.
“Yingakho sizokhuluma nawo lamaqembu angeyona ingxenye yezingxoxo.”
Phakathi kwamaqembu ayingxenye yezingxoxo kubalwa iDA, IFP, ActionSA, FF Plus, iSanco namanye.
Amaqembu athe awahlanganisiwe wukuthi azonda i-ANC kepha athi aqhutshwa yizinhloso zokunakekela abantu bakuleli.
Umengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe abayizondi i-ANC, kepha wathi bazonda imisebenzi yayo engemihle.
“Into esihlanganisile lapha ibalulekile kakhulu. Ngonyaka ka-1994, abantu bakuleli babamba imigqa emide, beyovota. Abantu babenethemba lokuthi ukhetho lwango-1994 luzoletha ushintsho ezimpilweni zabo. Ngebhadi lawo mathemba aseshabalele. Yingakho sinqume ukuba ingxenye yezingxoxo.”
Umholi we-ActionSA, uMnuz Herman Mashaba, uthe ukwehluleka kwe-ANC, yikhona okwenze ukuthi bavume ukuba yingxenye yezingxoxo.
“Sikwazile ukubeka eceleni ukungaboni ngasolinye kwethu singamaqembu aphikisayo ngoba sikhathazekile ngeqembu lethu. Njenge-ActionSA siyazibophezela kulezi zingxoxo.”
Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, uthe kubalulekile ukuthi amaqembu ayingxenye yezingxoxo aphume nesivumelwano emva komhlangano.
“Isivumelwano akufanele kube nje ukuthi sizokhipha i-ANC emandleni kodwa kufanele kube ukuthi sizotakula elakuleli. Izingxoxo zethu akufanele zigxile ekukhipheni i-ANC emandleni kodwa kufanele zigxile ekutheni sizolitakula kanjani elakuleli kulezi zinkinga elibhekene nazo.”
Okhulumela i-ANC kuzwelonke, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe abananxa nezinhlangano eziyingxenye yezingxoxo.
“Thina njengamanje sigxile ekukhankaseleni ukhetho oluzayo. Inhloso yethu ukuthi sinqobe ukhetho ngamalengiso ukuze singeke sibe khona isidingo sokuthi sibuse ngokubambisana.”