NAKUBA libuya ithemba kwabagilwa yizikhukhula zango-Ephreli abasakhoseliswe emahholo njengoba uhulumeni KwaZulu-Natal eqhubeka nokubafaka ezindaweni eziphephile, umndeni wakwaHlophe kwaCutshwayo eDassehoek, owalahlekelwa amalungu omndeni ayisishiyagalombili kule nhlekelele, ungase uwudle ujeqeza uKhisimusi, njengoba usahlala endaweni yesigameko.
Amalungu ayisishiyagalombili ayesendlini eyodwa, kukholakala ukuthi ashona ngesikhathi uphahla lwendlu luwela kuwona, kanti izidumbu zayisithupha kuwona azikatholwa.
Lo mndeni osele namalungu ayisithupha kuphela, uthe ulala obenyoni kwazise usaqube endlini engamagumbi amabili eyasala kuguguleka ezinye izindlu, kanti isixwayiso semvula enamandla okuthiwa ingase iqinise ngempelasonto njengoba kulindeleke amazinga aphezulu emvula kulezi zinyanga ezintathu, sibuyisa isithombe ngokwenzeka ngosuku lwesigameko kumalungu asele.
Kulindeleke ukuthi ngayo impelasonto, ufihle ilungu lawo okungelesibili ukutholakala, uMelokuhle Mthembu (8), isidumbu sakhe ebesisalokhu siduve emakhazeni kusalindwe amasampula olibofuzo. Izidumbu ezingakatholwa ngesikaHlelolwenkosi Hlophe (1),Nasisipho Hlophe (8), Luleka Zwane (11), Qobo Hlophe (3), Sisanda Hlophe (5) nesikaNkk Ngenzeni Mhlongo (67). Esikamama wekhaya uNksz Zanele Hlophe (49), yisona kuphela esesangcwatshwa njengoba satholwa emva kwezinsuku ezintathu kwehle inhlekelele.
Ngesikhathi kwehla umshophi, uhulumeni wesifundazwe wathembisa ukuthi uzoqala ngalabo abakhahlamezeke kakhulu, ikakhulu abalahlekelwe amalungu abo ukubhekelelwa.
Ilungu lomndeni, uNksz Samke Hlophe owasindiswa ukuthi wayesemsebenzini ngesikhathi senhlekelele, uthe uma kuna izulu bayaphoqeka ukuphuma bayocela ukulaliswa komakhelwane.
“Ngendlela esisaba ngayo, asazi sizokwenzenjani. Yimina kuphela engibamba amatoho ekhaya, laba abanye abasebenzi, ngakho anginawo amandla okuthengela umndeni wami indawo ephephile esingakha kuyo njengoba izindawo zibiza kangaka eThekwini. Sihlalele ovalweni, okubuhlungu kakhulu ukuthi nalaba abanye abakatholwa,” usho kanje.
Uthe uMelokuhle kuhlelwe ukuthi ayofihlwa koninalume eHammarsdale njengoba bengenayo indawo yokungcwaba, yagqebhulwa izikhukhuka zango-Ephreli.
Kuthintwa ikhansela lendawo, uMnuz Dumisani Nsundwane, lithe lazi ukuthi umndeni wakwaHlophe sewakhelwa, belingazi ukuthi awukasizakali, labuye lashaya ungqimphothwe lathi inkinga indawo ebingakatholakali abazokwakhelwa kuyo.
“Yini uma benenkinga bengakasizakali bengezi kumina? Ngisazoke ngixhumane nabo ngithole ukuthi yikuphi abangakasizakali ngakho, okwamanje ngicela sibuye sikhulume ngikuma-by-elections,” usho kanje.
Isigameko esehlela lo mndeni sikulezo ezaba buhlungu kakhulu, kanti owayenguNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala, usomabhizinisi uDkt Patrice Motsepe, iSilo uMisuZulu kaZwelithini nabanye bahambela izindawo eziseDassenhoek ukuhlola umonakalo. Inhlangano iMotsepe Foundation yanikela ngo- R30 million ukusiza abakhahlanyezwa izikhukhula, kanti uhulumeni kazwelonke wamemezela isifundazwe njengesehlelwe yinhlekelele, wathembisa ukufaka u- R1 billion ekulekeleleni kulesi simo. Zikhona nezinye izinhlangano zakwamanye amazwe ezaphonsa itshe esivivaneni
Khonamanjalo uhulumeni wesifundazwe, uqinisekise ukususwa kwabangu-400 abebekhoseliswe ezikhungweni zomphakathi ezindaweni ezehlukene ezakhele iPinetown kubalwa neTshelimnyama, wabafaka ezindaweni eziphephile. Bangu-1600 abagilwa yizikhukhula esebefakwe ezindaweni eziphephile kuleli sonto, kanti uhulumeni uthembise ukuthi kuzophela isonto elizayo sezivalwe zonke izikhungo ezikhoselise abagilwa izikhukhula.