USAGCWELE amathafa owesilisa waseDukuduku eMtubatuba, osolwa ngokugwaza abulale unina wezingane zakhe ezimbili ngoMsombuluko.
Ngokusho kwelungu lomndeni elicele ukuthi lingadalulwa, isidumbu sikaNksz Nothando Zikhali sitholwe sidindilizie endlini kayise wengane yakhe, eduze kwaso kukhona umkhonto nesando.
Lilandisa Isolezwe ilungu lomndeni, umufi waphuma ekhaya ngosuku lwesigameko ebizwe uye uyise wezingane. Umufi unezingane ezimbili nomsolwa, eneminyaka emithathu neneminyaka emine.
“Wathi akeze azolanda imali yamanabukeni, kwabe siyagcina ukumbona ephila. Kwafika sekufika umyalezo uthi asize sizobheka ngoba uselinyaziwe,” kusho ilungu lomndeni.
Lithe uma befika kubo kamsolwa, batshelwa ukuthi umuntu ozithele phezu kwesidumbu yilungu lomndeni kamsolwa elisafunda isikole.
“Bathi basola ukuthi umsolwa waqeda ukwenza isigameko, wehlisa amaswishi kagesi, wakhiya umnyango wabeka ukhiye lapho avame ukuwufihla khona, wabaleka,” kuchaza ilungu lomndeni kamufi.
Lithi yilungu lomndeni kamsolwa elalithi liyonyusa amaswishi kagesi elazithela phezu kwesidumbu sikamufi lase libikela abadala.
“Sisethukile, ikakhulukazi njengoba engakaboshwa,” kusho ilungu lomndeni kamgilwa.
Liveze ukuthi bebenakho ukuhlala ngokuxabana, umsolwa aze amshaye umgilwa kodwa bebengakaze bazitshele ukuthi angagcina ngokumbulala.
Ikhansela lendawo, uMnuz Mkhawuleni Zulu, lithe umphakathi wonke usashaqekile ngalesi sigameko. Lithe siyinto engavamile nhlobo ukwenzeka endaweni yabo.
“Ngihambe ngaze ngafika endaweni yesigameko, ngazibonela ngawami. Nenduna yendawo nayo iyile endaweni yesigameko. Isishaqisile singumphakathi indlela lona wesilisa abulele ngayo lona wesifazane,” kusho ikhansela.
Lithe njengoba esagcwele amathafa nje, abakufisayo ukuthi azinikele emaphoyiseni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMtubatuba aphenya icala lokubulawa kowesifazane endaweni yaseNyamazane.
“Isidumbu sikamgilwa sitholwe sidindilizile sinamanxeba ekhanda kanti umgilwa uhlonzwe njengoshonile endaweni yesigameko,” kusho uNetshiunda.