UNGQONGQOSHE kagesi uDkt Kgosientsho Ramokgopa uthembise abantu bakuleli ukuthi uzoyiqeda inkinga yokunqamuka kukagesi njengoba usubonakala umehluko ngokuthi ungahambi emini.
URamokgopa uthe zonke izinhlelo zokuqeda nya ngenkinga yokunqamuka kukagesi zihamba kahle ngoba sebeyakwazi ukumelana nesibalo esikhulu sokudingeka kukagesi esiba wu-30 000MW ngezikhathi ezimatasa.
Uveze ukuthi banezinhlelo zokungenisa ugesi owu-10 000MW ozophehlwa ngendlela ejwayelekile nangezindlela ezingayilimazi imvelo.
Uthe bazosebenzisana neDenmark neGermany kulezi zinhlelo.
Ugesi ongekho ngenxa yokuthi kunemishini efile usuke ku-18 000MW waya ku-14 616MW ngesonto elidlule.
URamokgopa uthe lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi bamatasa nomsebenzi wokuqeda inkinga yokuhamba kukagesi.
UMnuz Eric Shanmagum owenza isiqiniseko sokuthi i-Eskom inogesi owanele, uthe kuleli sonto abalindele ukuthi ugesi uhambe ekuseni kodwa uzohamba ntambama ngokwesigaba sesithathu noma sesine.
Ukhale ngokuthi kunemishini ephehla ugesi eye yaphazamiseka eMedupi okuyiyona engaphazamisa kancane izinhlelo zabo zaleli sonto.
Ubuye waveza nokuthi kunemishini ebifile esilungisiwe ezobuyisa ugesi owu-4 150MW.
Isizathu sokuthi ugesi ungahambi emini, uShanmagum, uthe wukuthi iziteshi ebezingasebenzi kahle seziqashwe ngeso lokhozi ukuqinisekisa ukuthi ziyasebenza. Ubuye wabalula nokuthi ezinye izinkampani ziye zacima imishini esebenza ngogesi njengoba zinohlelo lokukhuculula njalo ngonyaka (shutdowns).
UMnuz Rudi Dicks oyingxenye yekomiti elibhekele inhlekelele kagesi, uthe ngeke bazivale iziteshi eziphehla ugesi ngamalahle okwamanje.
Ucele abaxhasa iNingizimu Afrika ngemali yokuthi iphehle ugesi ohlanzekile ukuthi, bakuqonde ukuthi izwe ngeke livale iziteshi zamalahle ekubeni lingenawo ugesi owanele.
Uveze ukuthi babheka izinhlelo zokuzisebenzisa ngenye indlela lezi ziteshi mhla sekufika isikhathi sokuthi zivalwe ngenxa yokungcolisa umoya.