USEYIHLONZE njengesimo esiphuthumayo esidinga ukulungiswa ngokushesha eyabahlalise lubhojozi osomabhizinisi nomphakathi ngoba befuna imali yokubavikela.
Lo mkhuba cishe osusabalele ezweni lonke wenza abanye osomabhizinisi bagcine sebevala amabhizinisi abo ngoba uma bengakhokhi abanye bayabulawa noma bahlukunyezwe.
UMengameli Cyril Ramaphosa, uthe bayibeke eqhulwini futhi iyabakhathaza kakhulu eyalobu bugebengu ngoba ikapakele nasezikhungweni zikahulumeni okubalwa nezikole.
“Isimo esiphuthumayo eyokukhuculula lobu bugebengu ngoba kwezinye izindawo ihambisana nokuthumba abantu. Kunethimba eyisipesheli elijutshwe ukulwa nale nkinga. Le nto yaqala ngesikhathi sabantu abazibiza ngamaDelangokubona, ababefuna imisebenzi kuhulumeni.”
Uthe sekuzoba nenombolo kazwelonke lapho kuzobikwa khona abafuna imali ngodli.
Ukusho lokhu ephendula imibuzo eMkhandlwini weziFundazwe ePhalamende.
Amalungu ePhalamende akhale ngokuthi abantu abaphephile athi kuze kuvalwe ngisho izikole ngenxa yalobu bugebengu.
URamaphosa uveze ukuthi bavumelene nabaholi bamaqembu abambisene kuhulumeni ukuthi kube nethimba elizohlela izinto okumele zikhulunywe, zilungiswe.
“Kuyohlale kukhona abantu abangaboni ngaso linye ngakho sivumelene nalaba baholi ukuthi kube naleli thimba. Yilona elizohlonza izinto okumele zixoxwe amaqembu ayingxenye kahulumeni wokubambisana.”
Uthe izinkinga nokungaboni ngaso linye ziyohlale zikhona wathi kodwa akaboni ukuthi zingaze zifike ezingeni lokuthi kuhlukane inhloko nesixhanti.
“Sizoxoxa uma kunezinkinga size sifike esivumelwaneni. Abantu bakuleli basibeka esimeni sokuthi sisebenzisane singamaqembu ahlukene njengoba lingekho iqembu elawina ngamalengiso ukuze libumbe uhulumeni ngalodwana.”
URamaphosa uthe usewutholile umbiko kuNgqongqoshe wezobuLungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo, uNksz Thembi Simelane, ngezinsolo zokuthi waboleka imali ebhange eselawa iVBS.
“Ngisanda kuwuthola umbiko ovela kungqongqoshe njengoba ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi waboleka imali, ngamcela ukuthi anginike umbiko. Ngimatasa ngiyawufunda, ngizolandela imigudu ebekiwe,” kusho uRamaphosa.
UNksz Simelane wakuchitha ukuthi waboleka imali eVBS kodwa wayiboleka enkampanini eyayisebenzisana nomasipala ayeyimeya kuwona.
Uveze ukuthi uhulumeni uzogxila ekuphothuleni umsebenzi owashiywa kanjalo ungaphothulwanga osekuphele iminyaka.
“Le misebenzi yama ngenxa yenkohlakalo, eminye ngenxa yokuthi ayengekho amava kulabo ababeyenza. Eminye yayo uthola ukuthi kwabizwa imali enkulu ukuze abanye bazuze kwagcina ngokuthi ingapheli.”
Odabeni oluthinta imisebenzi, uthe bazowavula amathuba nakulabo abaneminyaka engu-35 kuya phezulu.
“Ngeke sigxile kuphela entsheni eneminyaka engu-35 kuya phansi ngoba nalabo asebekhulile kuyadingeka ukuthi basizwe.”