ONGUMENGAMELI wezwe, uCyril Ramaphosa, usexwayise ongqongqoshe namaphini abo ukuthi kuzoshuba uma kuphela izinyanga eziyisithupha bengazenzile izinto abathembise ukuthi bazozenza ukuphucula impilo yabantu.
Lesi sexwayiso usikhiphe izolo, evala umhlangano we-ANC eGauteng, obubuyekeza umqulu le nhlangano ezokhankasa ngawo okhethweni lukazwelonke lwangonyaka ozayo.
URamaphosa uthe basanda kuhlangana nabo bonke ongqongqoshe ngomsebenzi abawenzile njengoba kuzophela ihlandla likahulumeni.
Uthe bazobuye bahlangane nabo ukuthola ukuthi izinto abathembise ukuthi bazozenza ngalesi sikhathi, sebezenzile yini?
“Kulowo mhlangano esizoba nawo ezinyangeni eziyisithupha ezizayo bazobe sebehamba namaphini abo kanjalo nabaqondisi beminyango. Asifune ncazelo nokuthi yini eyenze bahluleka ukwenza lokhu esibayalele ukuthi bakwenze. Uma bengakwenzanga okuvunyelwene ngakho kukhona okuzokwenzeka,” kuxwayisa uRamaphosa.
Uthe kulolu hlelo lokuhlangana nongqongqoshe ulwenza nephini lakhe uMnuz Paul Mashatile.
Ubalule ukuthi bekubalulekile ukuthi babe nawo lo mhlangano ngeManifesto, ukuze babone izinto abazenzile selokhu kwaba nokhetho ngo-2019, nezinto okusamele bazenze.
“Uhlelo lokwakha umqulu wezokhetho luzofaka uwonke wonke. Abantu kumele basithembe baphume bayovotela le nhlangano ngonyaka ozayo yingakho sifaka izinhlaka ezehlukene ukuthola lapho singenzanga khona nalapho senze khona izinto esasizithembisile.”
Uthe basasilele emuva ezintweni ezithinta ukungasebenzi kwabantu, indlala kanjalo nokungalingani.
“ICosatu, SACP kanjalo neSanco bakhulume ngezinto eziningi okusamele zenziwe. Omele ukwenziwa kwezibalo uchazile lapho senze kahle njengokuhlinzekwa kwamanzi njengoba bebalelwa ku-90% abantu asebenawo kuleli.”