UMENGAMELI wezwe, uCyril Ramaphosa, utuse uhulumeni wokubambisana ophethe iNingizimu Afrika ngesikhathi ekhuluma nabaholi bamazwe omhlaba.
URamaphosa uthe uhulumeni wokubambisana ongene emva kokhetho lwangoMeyi, usuqalile ukusombulula izinkinga ezibhekene nezwe.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni wenhlangano yezizwe i-UN General Assembly oqhubeka eNew York, eMelika.
Kuleli sonto kuphela izinsuku ezingu-100 kwakhiwa uhulumeni wokubambisana.
Bekungokokuqala ukuba uRamaphosa ahambele eMelika kusukela kwakhiwa uhulumeni wokubambisana.
URamaphosa uthe isiqalile ukubonakala imisebenzi yohulumeni wokubambisana.
“Isimo somnotho wethu sesingcono kakhulu kanti futhi nabatshalimali babuyelwe ithemba. Ikusasa lezwe libukeka liqhakazile. Uhulumeni wokubambisa uzosiyisa endaweni engcono, ezweni lesethembiso.”
URamaphosa uthe ukwakhiwa kohulumeni wokubambisana kukhombisa ukukhula kwentando yeningi eNingizimu Afrika.
“INingizimu Afrika yathola inkululeko eminyakeni engu-30 eyedlule. Namhlanje iNingizimu Afrika iyizwe elikhululekile. Sisanda kuba nokhetho lwesikhombisa ngaphansi kombuso wentando yeningi.
“Imiphumela yokhetho lwakamumva iyona eyenze ukuthi sigcine siba nohulumeni wokubambisana. Uhulumeni wokubambisana wakhiwe amaqembu ayishumi afuna ukukhulisa umnotho, ukudala amathuba emisebenzi, nokuqeda indlala.”
URamaphosa nabanye ongqongqoshe ilokhu batheleka eNew York ngeledlule lapho bexoxa khona nabaholi bamazwe omhlaba nabatshalimali.
URamaphosa uphinde wesebenzisa enye yezinkulumo zakhe ukunxusa ukuba izwekazi i-Afrika limeleleke ngendlela emkhandlwini wezokuphepha kwi-UN.
URamaphosa uthe akulungile ukuthi i-Afrika ingabi naso isihlalo emkhandlwini wezokuphepha.
Uthe bakhathazekile ngezinxushunxushu eziqhubeka emazweni omhlaba, wabala impi ephakathi kwelaKwa-Israel neHamas.
Sekuyophela unyaka kwaqubuka le mpi esidlule nemiphefumulo engaphezu kuka-40 000.
URamaphosa uthe akwanele okwenziwe amazwe omhlaba ukuqeda le mpi.
“Abantu basePalestine babhekene nodlame oluyisihluku esinzima. Sekuneminyaka abantu basePalestine becindezelwe yi-Israel. Thina njengeNingizimu Afrika siyazi ukuthi kunzima kanjani ukuphila ngaphansi kwengcindezelo.
“Saphila ngaphansi kobandlulo. Sahlupheka kabi ngesikhathi kuphethe uhulumeni wobandlululo. Ingakho singeke sithule uma sibona kukhona abancindezelekile. Ingakho sifuna ukuthi kuqiniswe imithetho, kuthathelwe izinyathelo labo abenza okuphambene.”