UMENGAMELI we-ANC, uCyril Ramaphosa, usakubabaza namanje ukugqemeka kwe-ANC udume lwengozi KwaZulu-Natal, ngesikhathi kunokhetho lwangoMeyi nonyana.
URamaphosa ukufanise nokuhlangabezana nezimbila zithutha okwehlela i-ANC KwaZulu-Natal.
Ukusho lokhu ngesikhathi eseMgungundlovu, lapho ebezohlangana khona nezinhlaka zeqembu.
URamaphosa uqale wahlangana nobuholi be-ANC esifundeni iMoses Mabhida, wahlangana nabaholi be-ANC abajutshwe komasipala, wabe esegcina ngokuhlangana nabaholi abaqhamuka emagatsheni.
Kule mihlangano bekubukwa imiphumela yokhetho.
I-ANC ayizange yenze kahle KwaZulu-Natal njengoba yasuka ekubeni yiqembu eliphethe ngokuzimela, yaba iqembu lesithathu ngobukhulu.
URamaphosa uthe imiphumela yokhetho olwedlule ibadumazile.
“Amavoti esiwatholile ehle kakhulu, ikakhulukazi lapha KwaZulu-Natal.”
Abaholi be-ANC kuzwelonke bebephume kuzo zonke izinkalo zesifundazwe, behambe bekhuluma namalungu enhlangano.
USihlalo we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, ubesesifundeni iJosiah Gumede, iPhini likaNobhala, uNkk Nomvula Mokonyane, belisesifundeni iMusa Dladla, uMgcinimafa Jikelele, uDkt Gwen Ramokgopa, yena ubesesifundeni i-General Gizenga Mpanza.
URamaphosa uthe inhloso yale mihlangano ukuqinisa izinhlaka zeqembu.
“Sifuna ukuzinikeza kahle isikhathi, sibuke ukuthi ikuphi esingazange sikwenze kahle ngesikhathi kunokhetho. Lena iyona ndlela esizokwazi ukuqinisa ngayo amagatsha e-ANC futhi ezokwenza ukuthi sikwazi ukwakha kabusha i-ANC.”
Okhulumela i-ANC, uMnuz Zuko Godlimpi, uphinde waphebeza amahlebezi okuthi kunezinhlelo zokuhlakaza ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal.
UGodlimpi uthe isigungu esiphezulu kwi-ANC asikaze sithathe isinqumo sokuthi kuhlakazwe ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal.
Amahlebezi okuhlakazwa kobuholi besifundazwe awaqali manje, ngesikhathi kubhekwe okhethweni kwakunamahlebezi okuthi ubuholi buzohlakazwa.
Aphinde aqala phansi amahlebezi emva kokumenyezelwa kwemiphumela yokhetho.
“Njengoba silapha sizolalela abaholi bamagatsha. Asikwazi nje ukuvele sivuke ekuseni, bese sithi sihlakaza ubuholi besifundazwe. Sekungaba ke abaholi bamagatsha abangakhuluma leyo nto uma kuwukuthi iyona nto abayibona ifanelwe ukwenzeka.”
UGodlimpi uthe basazohambela nezinye izifundazwe, abezokugcina lapha KwaZulu-Natal.
Namhlanje ubuholi be-ANC kuzwelonke buzokuba nomhlangano nesigungu esiphezulu saKwaZulu-Natal.
USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthe uhambo lobuholi lubalulekile ikakhulukazi njengoba sekusondele ukhetho lohulumeni basekhaya oluzokuba ngo-2026.