UMENGAMELI Cyril Ramaphosa useqoke uNgqongqoshe ehhovisi likamengameli obhekele ukuhlela, nokuqapha ukusebenza kukahulumeni, uNksz Maropene Ramokgopa, njengozobamba izintambo emnyangweni wezeMidlalo, uBuciko namaSiko.
Uqoke uNksz Ramokgopa emva kokusula kobengungqongqoshe walo mnyango uMnuz Zizi Kodwa, njengoba ebhekene necala lenkohlakalo.
UKodwa uhoxe nasekubeni yilungu lekomiti lesigungu esiphezulu se-ANC, nokuba yilungu lekomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwale nhlangano.
URamaphosa uthe uNksz Ramokgopa, uzobamba izintambo kuze kutholakale ozovala isikhala sikaKodwa.
“Umengameli ukwamukele ukusula kukaKodwa, wambonga ngomsebenzi awenzele isizwe. Usebenzele isizwe esayiPhini likaNgqongqoshe emnyangweni wezokuPhepha kwezwe kusuka ngo-2019 kwaya ku-2023. Kusuka ngoMashi 2023, ube esengena emnyangweni wezobuCiko,” kusho ihhovisi likaRamaphosa.
Kwenzeka lokhu nje kulindeleke ukuthi kungene iKhabhinethi entsha emva kokhetho lwangeledlule.
Kulolu khetho alikho iqembu elidle umhlanganiso elingabumba uhulumeni ngalodwana.
URamaphosa uphakamise ukuthi kube nohulumeni wobumbano ozohlanganisa wonke amaqembu ezepolitiki.