UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uphakamise iJaji Mandisa Lindelwa Maya njengomehluleli wamajaji kuleli.
URamaphosa umatasa uxhumana nabaholi bamaqembu asePhalamende, iJudicial Service Commission, ukubazisa ngesiphakamiso sakhe.
Okhulumela umengameli wezwe uMnuz Vincent Magwenya, uthe uRamaphosa usebenzise isigatshana somthetho u-174(3) woMthethosisekelo, ukuqala izingxoxo nezinhlaka ezifanele ngalesi siphakamiso.
IJaji uMandisa Maya, liyiPhini leNhloko yamaJaji kuleli kanti phambilini like laba ngumengameli wamajaji eNkantolo yezokuDluliswa kwamacala.
URamaphosa umphakamisa nje kungenxa yokuthi isikhundla sikamengameli wamajaji, esiphathwe yiJaji Raymond Zondo, sizovuleka ngo-Agasti 31, 2024.
“UZondo wayeqokwe isikhathi esiyiminyaka engu-12 njengeNhloko yeNkantolo yoMthethosisekelo ngoSepthemba 1, 2012. Ihlandla lakhe kule nkantolo liphela ngo-Agasti 31, 2023,” kuchaza uMagwenya.
Kuzoqopheka umlando ukuqhwakela kukaJaji Maya kulesi sikhundla ngoba kuzobe kungokokuqala senganyelwe ngowesifazane omnyama.
Uthe umengameli unxusa abaholi bamaqembu ukuthi baphawule ngesiphakamiso sakhe ngoJaji Maya. Uveze ukuthi bangachaza uma benezizathu zokuthi bamchithe kulesi sikhundla.
UJaji Maya unamava emkhakheni wezomthetho njengoba ngo-2000 waqokelwa ekubeni yijaji eNkantolo eNkulu e-Eastern Cape.
Uneziqu zeB.Proc (Nyuvesi iTranskei); LLB (Nyuvesi iNatal); neLLM (Nyuvesi iDuke, North Carolina, United States of America) kanjalo nezintathu zeLLD (Honoraris), zaseNyuvesi yaseFort Hare, Walter Sisulu naseNelson Mandela University.
UMagwenya uthe uRamaphosa uxhumane neJSC eholwa nguZondo, ekuphakanyisweni kweJaji Dumisani Hamilton Zondi, kwesePhini likaMengameli weNkantolo yezokuDluliswa kwamacala.
UZondi uneziqu zeB.Juris zasenyuvesi iFort Hare, ezeLLB zaseNyuvesi iNatal esiyaziwa nge-UKZN, nezeLLM azithole eNyuvesi iGeorgetown ese-United States of America.
UZondi waqokelwa ebhentshini laseWestern Cape, ngo-2007.
“Ngo-2011 waba yijaji lenkantolo ebuyekeza amacala yezokuncintisana. Wanyuselwa enkantolo yezokudluliswa kwamacala ngoJuni 2014. Ngo-2022 waqokelwa ekubeni ngusihlalo wenkantolo yezokhetho.”
UMangwenya uveze ukuthi uRamaphosa unxuse iJSC ukuthi ilethe iziphakamiso ngokulungela kukaZondi ukuthatha izintambo.