UMENGAMELI Cyril Ramaphosa udlulise amazwi enduduzo emndenini wowayengungqongqoshe, uSolwazi Sibusiso Bengu (90).
UBengu, owaba ngungqongqoshe woMnyango wezeMfundo wokuqala ngaphansi koMbuso wentando yeningi, ushone ngoMsombuluko elele emzini wakhe.
URamaphosa uthe izwe lilahlekelwe umholi oqavile ngokushona kukaBengu.
“Sizwelana noMama uFuneka (unkosikazi kaBengu) kanye nomndeni wonke kulesi sikhathi esinzima.”
Umengameli uthe uBengu wenza izinguquko ezinqala ngesikhathi ephethe uMnyango wezeMfundo.
“Wasivulela indlela. Ngesikhathi kungena uhulumeni wentando yabantu, kuningi ukucwasa okwakukhona kwezemfundo.
“Kwakungafundwa into eyodwa ezikoleni. UBengu wafika nezinhlelo ezaholela ekutheni kufundwe into eyodwa ezikoleni. Siyohlezi siwakhumbula amagalelo akhe.”
Ngaphandle kokuba ungqongqoshe, uBengu uke waba inxusa lakuleli eGermany, phakathi kuka-1999 no-2003.
Izinhlelo zomngcwabo bezingakamenyezelwa.