UMENGAMELI, uMnuz Cyril Ramaphosa, okungakacaci namanje ukuthi uzolimemezela nini iKhabhinethi, ukhuza umbango wezikhundla kumaqembu ayingxenye yohulumeni wokubambisana.
Kukholaka ukuthi umbango wezikhundla yiwo omise ukumenyezelwa kweKhabhinethi.
Uhulumeni wokubambisa wakhiwe amaqembu ayishumi.
URamaphosa uthe amaqembu akufanele ajoyine uhulumeni wokubambisana ngoba nakhu ejahe izikhundla.
Ukusho lokhu encwadini yakhe ayibhekise kubantu bakuleli.
"Akufanele sivumele umbango wezikhundla ukuba ubeke engcupheni ukusebenza kuhulumeni wokubambisana. Akufanele sibeke phambili umbango wezikhundla, kufanele sibeke phambili izidingo zabantu."
URamaphosa uthe abantu bakuleli babheke lukhulu kuhulumeni wokubambisana.
"Abantu bakubeka kwacaca ngesikhathi bevota ukuthi bafuna sibeke eceleni ukwehlukana kwethu, sisebenze ndawonye. Ngoba maningi amaqembu avumelana ngokuthi kube nohulumeni wokubambisana, ngiyathemba ukuthi sizokwazi ukubeka eceleni ukwehlukana."
URamaphosa ofungiswe ngeledlule, bekulindelwe ukuthi iKhabhinethi yakhe ayimemezele ngempelasonto.
Umholi wePatriotic Alliance (PA), uMnuz Gayton Mckenzie, uphumele obala waveza ukuthi izingxoxo zibanjezelwe umbango wezikhundla.
I-PA ingelinye lamaqembu ayingxenye yohulumeni wokubambisana.
Le nhlangano yakubeka kwacaca ukuthi ifuna ukunikwa uMnyango wezaseKhaya nowamaPhoyisa.
UMckenzie ubhale kwi-X, ukuthi basaqhubeka nokuphikisana ngokwabiwa kwezikhundla.
"Akufanele siqambe amanga, sonke njengoba singene kuhulumeni wokubambisana sifuna izikhundla. Alikho iqembu lezepolitiki elingazifuni izikhundla."
USotswebhu weDA ePhalamende oyingxenye yezingxoxo, uNksz Siviwe Gwarube, uthe izingxoxo zokubusa ngokubambisana azilula, wacela abantu ukuthi babekezele.
“Ngonyaka owedlule, ePhalamende ngenze isiphakamiso sokuthi kululwe isikhathi esibekiwe sokuthi kuqokwe abaholi emva kokhetho, sibe izinsuku ezingu-30 esikhundleni sezinsuku ezingu-14. Lokhu ngangikwenza ngoba ngiyazi ukuthi izingxoxo zokubusa ngokubambisana azilula.”
Umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Sandile Swana, uthe i-ANC neDA bahlulekile ukulungiselela kusenesikhathi izingxoxo zokubusa ngokubambisana.
Ekhuluma nabeNewsroom Afrika, uSwana uthe la maqembu kufanele engabe kade aqala ukuzilungiselela ngoba kuyiwe okhethweni kubonakala ukuthi i-ANC angeke inqobe ngamalengiso.
“Ngasekuqaleni konyaka bese kubona nengane encane ukuthi i-ANC izothola ngaphansi kuka-50%. I-ANC neDA bebekubona lokhu kodwa abazange bazilungiselele. Ingakho ke sekuthatha isikhathi eside.”
Imibiko iveza ukuthi i-DA ifuna ukunikwa izikhundla eziyishumi kwiKhabhinethi kaRamaphosa.
USwana uthe i-DA ayinalo ilungelo lokufuna inqwaba engaka yezikhundla.