UMENGAMELI uCyril Ramaphosa ukhale ngokudlebeleka komholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uma kunezinkulumompikiswano ePhalamende.
URamaphosa ukhale ngokuthi uMalema uvele ahlasele isiqu somuntu uma kukhulunywa ePhalamende, ayeke ukukhuluma ngezinto ezithinta abantu okusuke kuxoxwa ngazo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma ePhalamende, lapho ebephendula izinto ezashiwo amaqembu ezepolitiki ngesikhathi kunenkulumompikiswano, ngoLwesihlanu.
Ngesikhathi uMalema ekhuluma kwinkulumompikiswano, wagxeka isinqumo se-ANC sokubambisana ne-DA.
UMalema wasola uRamaphosa ngokuthengisa ngabantu abamnyama, wathi vele nangesikhathi sobandlululo wayesolwa ngokuba impimpi.
Eziphendulela, uRamaphosa uthe uMalema usadinga ukufundiswa ipolitiki.
“Uchithe isikhathi esiningi lapha uhlasela mina siqu sami, esikhundleni sokukhuluma ngezinto ezizoyisa izwe phambili. Mina nawe kusafanele sihlale phansi sikhulume ngepolitiki. Kusafanele ke ngikufundise ipolitiki. Ngibona sengathi ipolitiki iyakudida.
“Kufanele uma usukuma lapha, ukhulume izinto ezizoyisa abantu phambili. Nginesiqiniseko sokuthi emva kokuhlala nawe phansi, uyobuya ipolitiki usuyiqonda kangcono. Uyothi uma usuthola ithuba lokukhuluma lapha, bese ukhuluma into ephilayo.”
URamaphosa uthe izinto eziningi uMalema akhuluma ngazo ezazenzeka ngesikhathi kuliwa nobandlululo, uyaziphambanisa, wamyalela ukuba abuze kubaholi be-ANC abadala uma kukhona izinto ezazenzeka ngesikhathi kuliwa nobandlululo afuna ukuzazi.
“Into engizibuza yona ukuthi wena wawukuphi ngesikhathi kwenzeka lezi zinto okhuluma ngazo?”
URamaphosa uthe bekungekhona okokuqala uMalema emhlasela ePhalamende, wathi ngomunye unyaka uMalema wathuka ubaba wakhe khona ePhalamende.
“Uyazi mina ukuthi ngakhuluma nogogo wakho. Mina angisoze ngama la, ngathuka ugogo wakho ngoba ngiyamhlonipha, futhi nawe ngiyakuhlonipha. Le nto ngiyisho ngoba ngifuna wazi ukuthi kufanele sihloniphane.”
URamaphosa uncome ukubambisana kwamaqembu aphethe uhulumeni wobumbano ngesikhathi kunenkulumompikiswano.
“Amaqembu abusa ngokubambisana akhombisa ukuthi azimisele kangakanani ukubona uhulumeni uya phambili. Amaqembu akhombisa ukuthi azimisele ukubeka eceleni ukungaboni ngaso linye, abeke phambili izidingo zezwe. Akukho okuzovimba uhulumeni wokubambisana. Lo hulumeni uzophumelela noma kukhona abasishwabulelayo.”
URamaphosa uthe amaqembu abusa ngokubambisana azoxoxa ngemithetho angavumelani ngayo.
Kule mithetho kukhona umshwalense wezempilo nemthetho wezeMfundo.
“Sizokwazi ukuthola isisombululo kulokho esingavumelani ngakho. Uhulumeni uzosebenza kahle.”