UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ufuna kushintshwe uhlelo lokufunda nokufundisa ezikoleni zakuleli, ukuze luhambisane nezinto ezidingeka manje.
URamaphosa uthe kudingeka kukhucululwe lolu hlelo kungafundiswa ngezinto ezindala kakhulu kodwa kuthintwe izinto ezifana nentando yeningi.
“Kudingeka uhlelo lwezemfundo lukhucululwe, imfundiso ngezinto ezithinta ababefika benze abantu izigqila, kufundwe ngentando yeningi nendlela abantu abaphila ngayo, siyekwe ukutshelwa ngezinto ezenzeka emandulo. Umlando ubalulekile kodwa ziningi izinto okungafundwa ngazo, ngaphandle kokufunda ngenqubo yalabo ababefika badle izwe,” kusho uRamaphosa.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma engqungqutheleni ehlanganisa amazwe ase-Afrika, i-Education International 10th Africa eSandton.
Uthe elakuleli liqale ngezifundo ezintsha ezifaka iCoding neRobotics njengoba izinto zishintsha emhlabeni.
Uveze ukuthi isimo sasinzima kwezemfundo ngesikhathi kuhlasele ubhubhane iCovid-19 emhlabeni.
“Abazali babemanqika ukuhambisa izingane zabo ezikoleni. Babesaba ukuthi izingane zabo kungenzeka zizithole sezihaqwa yilolu bhubhane. Kwakubuhlungu ngesikhathi kushona abazali ngesikhathi seCovid-19,” kusho uRamaphosa.
Uthe ziningi nezinye izinto okumele kufundwe ngazo ezikoleni okubalwa ukucwasa ngokwebala, amalungelo abantu nezinye izihloko ezizothuthukisa abafundi, nezwe.
“Imfundo kumele kube ekawonke wonke, hhayi idlanzana. Izikole kumele kube yizindawo eziphephile, kuhlonishwe wonke amalungelo abafundi.”
UMengameli weSadtu, uMnuz Magope Maphila, uthe kudingeka kuguqulwe umkhakha wezemfundo ukuze uhehe intsha ukuthi ingene kuwona.
Uthe njengoba kuza umkhankaso wokunqanda ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, kudingeka kufundiswe abesilisa ukuthi bayeke ukuhlukumeza.
“Lo mkhankaso wezinsuku ezingu-16, ubaluleke kakhulu yingakho kumele kufundiswe abafana besebancane ukuthi kumele bawuyeke lo mkhuba. Kubalulekile ukuthi kugqanyiswe nenyanga yabesilisa neqhaza labo ekufukuleni izwe.”
Uthe le ngqungquthela yagcina ukubanjelwa kuleli ngo-2001.
“Le ngqungquthela ihlanganisa zonke izinyunyana ezinhlanu zothisha kuleli. Lezi zinyunyana yiSadtu, Naptosa, Natu, SAOU nePEU.”
URamaphosa uthe uyafisa ukuthi kube nenyunyana eyodwa ukuze kube lula uma sekuyisikhathi sezingxoxo.