UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usehlise amaphaphu kulaboabacabanga ukuthi kuzoba nokungqubuzana phakathi kongqongqoshe ngokuqokwa kukangqongqoshe omusha ozobhekana nenkinga kagesi.
URamaphosa uthelo ngqongqoshe uzobe esebenzisana nabanye ozakwabo kwiKhabhinethi wathi akukho ukushayisana okuzoba khona.
Usho lokhu nje, kube nezinkulumo zokuthi kuzoba nokungqubuzana phakathi kongqongqoshe ababhekene nezinto ezithinta ugesi.
Abantu abaningi bayigxekile eyokuthi kuzoqokwa ungqongqoshe ozobhekana nenkinga kagesi bathi asikho isidingo sokuthi kwandiswe isibalo songqongqoshe ngoba iKhabhinethi iyanyinyitheka.
“Ngeke kube nokushayisana ngoba ungqongqoshe omusha uzobhekana kuphela nenkinga kagesi esebenzisana ne-Eskom nebhodi lakhona. Uzobe ehola ikomiti elibhekene nenkinga kagesi esebenzisana nabo bonke ozakwabo. Ungqongqoshe wezokumbiwa phansi namandla uzobe ebhekene nezinto ezithinta imigomo engaphansi komnyango wakhe. Ungqongqoshe wezinkampani ezingaphansi kukahulumeni, uzobhekana nezinhlelo zokubhekana nalezi zinkampani nokubuyekezwa kwazo ngaphambi kwezinguquko kuhulumeni.”
URamaphosa ukusho lokhue phendula izolo eCity Hall eKapa emuva kwezinsuku ezimbili zenkulumo mpikiswano ngenkulumo ayethule ngeledlule abeyibhekise esizweni.
Utshele amalungu ePhalamende ukuthi uyaphikisana nalabo abathi asikho isidingo sokuthi izweli fakwe ngaphansi kwesigaba senhlekelele ngenkinga kagesi.
“Abaholi abakhulumile ePhalamende bakhale ngokuthi ukufakwa kwezwe ngaphansi kwenhlekelele kuzokwenza ukuthi kudliwe imali ehlinzekwe inhlekelele. Omunye wabantu abangahambisani nalesi sinyathelo uNdunankulu waseWestern Cape, okungakapheli ngisho inyanga engibhalele incwadi ethi kudingeka sifake izwe ngaphansi kwesigaba senhlekelele ngenkinga kagesi,” kusho uRamaphosa.
Uthe ukufakwa kwezwengaphansi kwenhlekelele kuzosiza uhulumeni asheshiseukulungisa izinto ezithinta inkinga kagesi.Uqhube wathi bazoqhubekanokutshala imali eziphehlinizamalahle kagesi ngoba izona ezihlinzeka ugesi omningi.
URamaphosa uthe akathuswanga yisenzo samalungu e-EFF agibela esteji ethula inkulumo ebhikisha, wathi yingoba abaqaphi bakhe bamvikela kahle.
Ubalule nokuthi ujube ungqongqoshe wezimali ukuthiasungule ithimba elizobhekana neyezimpesheni zabasebenzi bakahulumeni bozimele geqe.
Mayelana nodaba lwengqalasizinda, uthe kunezinhlelo zokulungisa izwe ngaphansi kwesikhwama esibhekele ingqalasizinda.
Unxuse ukuthi kubanjiswane ngoba inhloso wukwakha elakuleli.