UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe kubunjwa ithimba elihlanganisa izinhlaka zokuphepha, ukubhekana nasomabhizinisi abaphazamisa izinhlelo zokuphucula ingqalasizinda kuleli.
URamaphosa uthe abafuni kube nokuphazamiseka ekuphuculeni ingqalasizinda okumiswa abasuke befuna umsebenzi ngenkani noma ukukhokhelwa imali ngomsebenzi abangawenzanga.
“Sibumba leli thimba ngoba sifuna ukubhekana ngqo nalabo somabhizinisi abamisa izinhlelo zokwakha ezweni. Laba baphazamisa umsebenzi wezwe ngokuthi bamise ukwakhiwa kwamabhilidi kanjalo namabhuloho,” kusho uRamaphosa.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi ephendula imibuzo yamalungu ePhalamende.
Kuhlale kukhalwa ngalabo somabhizinisi abaphazamisa imisebenzi emikhulu yokwakha kuleli.
Bafike bamise nse ukusebenza bafune ukunikwa umsebenzi ngenkani noma banikwe ingxenye yephesenti yemali bengasebenzanga.
URamaphosa ubuye wakhala ngesihlava sokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane kuleli.
Uveze ukuthi banezinhlelo abazenzile ngaphansi kohlelo lokulwa nalesi sihlava i-National Strategic Plan on Gender-Based Violence and Femicide.
“Kuqeqeshwe amaphoyisa ukuthi akwazi ukubhekana namacala afuze lawa. Kululwe nezigwebo ezinikwa abasuke belahlwe amacala okuhlukumeza abesifazane nezingane.”
Uthe amaphoyisa anezinhlelo zokuqwashisa ngezokuphepha nasezikoleni zakuleli esebenzisana noMnyango weMfundo eyisiSekelo.
“Lezi zinhlelo zibandakanya ukuthi kuseshwe abafundi izidakamizwa kanjalo nezikhali. Kuqwashiswa nabafundi ngezinkinga zobugebengu.”
URamaphosa uthe umbiko weCensus 2022, uveze ukuthi siyakhula isibalo somphakathi kuleli.
“Isibalo sinyuke ngo-10.3 million, kusuka ku-2011 kuya ku-2022. IGauteng iyona ekhule kakhulu ngabantu abahlala kulesi sifundazwe. Umbiko uveze nokuthi intsha iyona eningi kuleli.”
Uthe senyukile nesibalo sabadinga ugesi kuleli sisuka ku-58% ngo-1996, saya ku-95% ngo-2022.
Uveze nokuthi azikho izinhlelo zokuthi kuguqulwe umsebenzi weBhange loMbuso iSouth African Reserve Bank (SARB), ukuthi lakhe amathuba emisebenzi.
Uthe leli bhange alikwazi ukuthi lingabhekana nezinto ezithinta ukungasebenzi kwabantu nezinye.
Sekuke kwaba neziphakamiso zokuthi kumele ishintshe indlela leli bhange elisebenza ngayo, lifake isandla empini yokulwa nesihlava sokungasebenzi kwabantu kuleli.
URamaphosa uthe amasosha akuleli enza umsebenzi omuhle uma ejutshiwe ukuthi afake isandla.
Uthe afaka isandla nangesikhathi kuhlasele ubhubhane iCovid-19, ngesikhathi sezibhelu zango-2021 KwaZulu-Natal naseGauteng kanjalo nangesikhathi kuhlasele izinhlekelele ezifana nezikhukhula.