UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, akayiboni i-ANC ibusa ngokubambisana namanye amaqembu emva kokhetho lwangonyaka ozayo njengoba ebona le nhlangano izolunqoba lolu khetho olubhekwe ngabomvu.
Yize kukhona abaqagela ukuthi i-ANC ingase ingatholi amavoti anele ukuthi ibuse ngokuzimela, uRamaphosa uthe bona njenge-ANC abayicabangi kwakuyicabanga eyokubusa ngokubambisana.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni lapho i-ANC ibicobelelana khona ngamasu okukhankasela ukhetho.
Lo mhlangano obungempelasonto ubuhanjelwe wubuholi be-ANC nobamadlelandawonye.
URamaphosa uthe sebekulungele ukukhankasela ukhetho lwangonyaka ozayo.
“Uma singase sikwazi ukubamba umgqigqo, sihambise umyalezo we-ANC kuzo zonke izinkalo, ukhetho sizolunqoba. Kobe siziyekele uma singase singalunqobi lolu khetho. Ngifuna ukukusho ukuthi asikhankaseli ukuthi sibuse ngokubambisana. Sikhankasela ukuthi sithole izihlalo ezanele ukuthi sibuse ngokuzimela.”
Yize i-ANC yehlelwe ukweseka ezinkethweni ezedlule, uRamaphosa uthe abantu basayithanda le nhlangano.
“Asiphumeni siyokhankasela ukhetho. Abantu basilindile. Izinhlangano ezahlukene zilindele ukuzwa umyalezo we-ANC. Asambeni siyokhuluma nabantu ngoba nabo bayafuna ukubona i-ANC inqoba ukhetho.”
IPhini likaNobhala Jikelele kwi-ANC, uNkk Nomvula Mokonyane, lihambe emazwini kaRamaphosa, lathi bazolunqoba ukhetho oluzayo.
“Njengamanje silungiselela ukuyonqoba ukhetho.”
UNkk Mokonyane uthe umyalezo kaRamaphosa ubavuselelile.
“Okubalulekile kakhulu okuqhamuke enkulumeni kaRamaphosa ukuthi wonke amalungu e-ANC kufanele akhankasele i-ANC. Umengameli unxuse ukuba sizehlise, sibuyele emuva emiphakathini. Kufanele sifike sikhulume ngezingqinamba ezibekhona ekuhanjisweni kwezidingo, siphinde sichaze ukuthi ikuphi okuzokwenziwa ukulungisa izinkinga ezibhekene nabantu bakithi. Umengameli uthe kubalulekile ukuthi siphinde futhi siyiqhakambise imisebenzi emihle eyenziwe nguhulumeni we-ANC.”
UNkk Mokonyane uthe bafuna ukugqugquzela kakhulu intsha ukuba ivote okhethweni oluzayo.
Yize intsha iyiningi kuleli, iyaqhubeka nokungavoti.
Izibalo zokhetho lohulumeni lwasekhaya lwangonyaka odlule zikhombise ukuthi entsheni engu-1, 8 million, eneminyaka ephakathi kuka-18 no-19 ayizange ikubhalisela ukuvota.
Izibalo zikhombisa ukuthi bangaphansi kuka-20% abantu abaphakathi kweminyaka engu-20 no-35 ababhalisela ukuvota okhethweni lwango-2021.