UMNYANGO wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uthi uyazi ngezinsolo zetulo lokusoconga owayengumsubathi u-Oscar Pistorius, odedelwe ngoshwele. UPistorius wabulala ngokudubula intombi yakhe uReeva Steenkamp, ngosuku lwezithandani, uFebhuwari 14 ngo2013.
Isigameko esashaqisa abaningi senzeka emzini wakhe osendaweni yomntakabani ePitoli. Wazithethelela ngokuthi wayedubula ethi kunesigebengu endlini.
Emuva kwalokho walahlwa yicala, wagwetshwa iminyaka engu-13 ebhadla ejele kodwa wadonsa engu-9 njengoba esededelwe ngoshwele. Kwawona ushwele uwuthole kanzima waze waya nasenkantolo ekhala ngokuthi usegqunywe ejele kungasafanele.
UPistorius udedelwe ngoshwele ephuma ejele iKgosi Mampuru ePitoli lapho kade eselinde khona ukuphuma.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnuz Singabakho Nxumalo uthe udaba lwezokuphepha kukaPistorius balusingethe ngobunono ngenxa yezinsolo. UNxumalo uthe imininingwane yokuhanjiswa kwakhe bayigcine iyimfihlo.
“Ngeke sikudalule ukuthi uzohanjiswa kanjani nini ngoba kungase kuphazamise ezokuphepha. Kube nesidingo sokuthi sikuphathe ngobunono ukuthi uhanjiswa kanjani. Ngeke sikwazi ukuba nesimo sodlame kulolu daba,’’ kusho uNxumalo.
Nakuba ededeliwe ngoshwele uPistorius kodwa umndeni kamufi, uReeva phambilini uke wakuveza ukuthi kaweneme ngesinqumo ngoba ukholwa wukuthi akakahlunyeleliswa kahle isimilo.