UPHUME enkantolo ethukuthele uyise wowesilisa okuthiwa wadutshulwa, wabulawa yiphoyisa likaMasipala weTheku, kuphinde kuhlehliswa icala eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
UMnuz Mandlenkosi Gumbi uthe qu enkantolo ngecala lokudubula abulale uMnuz Sanele Thembani (24) waseWaterloo, eVerulam, ngo-Agasti nyakenye.
IMantshi, uMnuz Scelo Zuma, ilihlehlisele uNovemba 27 icala ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
“Phakathi kwalo, kukhona umbiko wokuhlolwa kwesibhamu osashoda,” kusho uZuma.
Ngaphambi kokuthi uZuma ahlehlise icala, uMshushisi woMbuso, uMnuz Calvin Govender utshele inkantolo ukuthi ucele lihlehliswe icala ngoba umphenyi akakawutholi umbiko ngokuhlolwa kwesibhamu.
“Akutholile ukuthi usuphothuliwe kodwa kusasilele ukuthi awulande bese eyawu-scanner,” kusho uGovender.
Ngaphambi kwalokho uZuma uke wezwakalisa ukungenami ngokusebenzisa komsolwa uhlangothi olusetshenziswa izikhulu uma zingena enkantolo.
Umdonse ngendlebe, wathi akukho ahluke ngakho emphakathini, ngakho uma esebuyela enkantolo akohlala lapho kuhlala khona umphakathi nabasolwa abangaphandle ngebheyili.
Ngaphambi kokuba kuqhubeke ukulalelwa kwecala uZuma ukushaye indiva ukwenqaba kommeli womsolwa ukuthi abezindaba bathwebule izithombe.
Ummeli uthe lokho kuzobeka engcupheni impilo yomsolwa, uZuma wabuza ukuthi kwenza mehluko muni ukungathwetshulwa komsolwa abezindaba ekubeni evela enkantolo evulelekile, lapho ebonwa khona yinoma ngubani.
Uyise kamufi, uMnuz Mzomuhle Thembani uzwakalise ukuthi kuyamdina ukulokhu kuhlehla icala.
“Ngokwami le nto ngabe ayikhulunywa nokukhulunywa ngoba lo muntu ufundisiwe ngomthetho. Uma kwakuwumshayeli owayesephutheni, akadubulanga ngani yena, kungani adubula umuntu ohleli emotweni,” kubhoka uThembani, othe uvele ezwe ekhushukelwa ushukela uma ebona umsolwa ngamehlo.
Uthe ukhalela nophethroli wakhe alokhu ehla enyuka ngawo njengoba lilokhu lihlehliswa icala.
Uthe okumkhalisa kakhulu ukuthi indodana yakhe yayizihlalele emotweni, ingashayeli nokushayela.
Wenze isibonelo wathi: “Amaphoyisa ayaqeqeshwa ukuthi uma umuntu entshontsha bese eyabaleka, awumshayi ugebhezi, umdubula onyaweni.”
Uthe uma kwakuya ngokuthi umshayeli wemoto owayesephutheni, kwakufanele okungenani adubule yona imoto, kukhulunywe ukuthi ificwa ihleli phansi.
Uthe akufunayo yena ukuthi umsolwa abolele ejele.
“Angifuni ukulokhu ngimbona. Akahlale ejele. Ilokho okumfanele ngokubulala umfana wami, engenze lutho, ezihlalele emotweni,” kusho uThembani, obuze ukuthi uma bebulawa amaphoyisa omthetho yikuphi lapho bezobalekela khona.
Okuqaphelekile ngomsolwa ukuthi ukhuluphele uyaqhilika, ubelokhu ebheke phansi, izandla zakhe ezisongele ngaphambili.
Kuqhubeka leli cala nje, ungaphandle ngebheyili.
Ngosuku okwenzeka ngalo isigameko umufi nasondelene nabo babehamba ngemoto emgwaqweni uM4 ngesikhathi edutshulwa wumsolwa ngasePick n Pay Hyper eDurban North.
Kuvela ukuthi kwakunengozi yezimoto kulo mgwaqo ababehamba kuwo, kwathi uma besondela baqaphela ukuthi izimoto ezazingaphambi kwabo zazijikiswa amaphoyisa.
Nabo kuthiwa bajika, ngokuphazima kweso babona umufi ewa nokwathi uma bemqalaza babona ukuthi udubuleke esiphongweni njengoba ayehleli nabanye esikhenkeni seveni.