UVELA ngoLwesine, eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, osolwa ngamacala amabili okubulala, nawokuzama ukubulala, ozinikele emaphoyiseni ngeledlule.
UMnuz Siphamandla Gumede (29) kuthiwa ubefunwa uthuli amaphoyisa ophiko lwe-Provincial Investigations and Tracking Task Team nolwe-Rapid Rail Police Unit, ngalawa macala okuthiwa enzeke eGreenwood Park, emgwaqweni u-Effingham ngoNovemba 21, nonyaka. Kuthiwa wadubula amadoda amabili aneminyaka ephakathi kuka-40 no-50 izidumbu zawo ezatholwa zidindilize echibini legazi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa abeqhuba umkhankasa wawo obizwa nge-Operation Qondisa, okuthe uma uGumede esebona ukuthi asezithendeni zakhe awamnike thuba, wazinikela emaphoyiseni ephelezelwa ummeli wakhe namanye amadoda amathathu ayehambisana nawo.
“Amaphoyisa apekequle imoto ebihamba lawa madoda, kwatholakala ukuthi ayephethe izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni nezinhlamvu. Aqhubeka ayosesha endaweni yebhizinisi lawo, athola khona isibhamu esikhulu, i-R5 nezinhlamvu. Abe eseboshwa ngemacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu,” kusho uNetshiunda.
Laba basolwa okungoMnuz Bhekamashazi Nzuza (29), Mnuz Siyabonga Sithole (32) noMnuz Sthembiso Mayeza (35), abevele eNkantolo yeMantshi yaseManzimtoti ngeledlule, kanti banikezwe ibheyili kaR3 000 umuntu ngamunye.
UGumede ugcinwe ezitokisini emuva kokuvela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, ngeledlule.