IMantshi icele ukuzwa ngommangalelwa ukuthi ufuna lihlehle isikhathi esingakanani icala lokubulala athweswe lona elenzeka ehostela laKwaMashu
UMnuz Sbongiseni Njabulo Khanyile uvele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesithathu.
Uthweswe icala lokubulala uMnuz Sizwe Petros Zungu okuthiwa waqale wamchapha ngenhlamba embiza ngempimpi yamaphoyisa ngaphambi kokuthi amdubule ambulale ngoNovemba 21, 2021.
UZungu ucele inkantolo ukuthi imnikeze isikhathi esingamasonto amabili ukuze intombi yakhe iye esibhedlela ilande ubufakazi bokuthi wayephukile yena ngesikhathi kwenzeka isigameko.
UZungu uthe akukwazi ukuthi wayengahlohla isibhamu, adubule abulale umuntu ekubeni wayekade egodle ingalo, efake ukhonkolo.
UMbuso usola uZungu nayekade ehamba nabo ukuthi bathelekela umufi nayehleli nabo endaweni ekhanda izimoto ehostela baqale babatalabha.
Umndeni kamufi uthi amanga aluhlaza okushiwo uZungu ngomfowabo. Bathe ngelanga lesigameko uZungu wayephile saka futhi wayengumgulukudu owaziwayo ukuthi uhlukumeza abantu ehostela.
IMantshi uRavi Pillay iqale ngokubuza uKhoza ukuthi isikhathi esingakanani asidingayo ukuze athole amaphepha?
Ibe isilihlehlisela u-Agasti 14 icala yathi iyathemba ukuthi konke kuyobe sekumi ngomumo. UPillay ubefuna kuphothulwe konke ngecala ngoLwesithathu.