USHAYA amakhala ngamaphepha aphambi kwenkantolo okuthiwa yiwo awasayina uMnuz Bongani Ntanzi, ongummangalelwa wesibili kwelokubulawa kukalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.
U-Advocate Thulani Mngomezulu, ongummeli kaNtanzi, utshele ufakazi oqhubeka nokuphoswa ngemibuzo namuhla, uConstable Wendel Jonathan, ukuthi uNtanzi uthi bahamba naye baya endaweni enamafemu eGermiston.
“Uthi namisa imoto. Umsolwa waphinde washaywa, wasayiniswa amaphepha ngenkani. Uthi ingaleso sikhathi igazi lakhe laconsela kuwona amaphepha,” kusho uMngomezulu.
UJonathan uphendule wathi kusukela eqala ukuphelezela umsolwa namaphoyisa ayehamba nawo kuze kuba isekugcineni, akakaze abone eshaywa noma elimele.
“Uthi uyaphika ukuthi la maphepha alethwe phambi kwenkantolo ngawakhe ngoba awasayinayo kufanele abe namachashazi egazi kuwona,” kusho uMngomezulu.
UJonathan uthe ngeke abe nalwazi ngalokho.
UMngomezulu ubelokhu ebelesele njalo ngokuthi kuningi okwenzeka okungalungile, okufaka phakathi nakho ukusayinwa kwamaphepha ngoba uNtanzi wayengaphansi kwengcindezi yokuhlukunyezwa.
UMngomezulu ubuye waveza ukuthi uNtanzi umtshele ukuthi ngesikhathi ehanjiswa kuzo zonke izindawo ayehanjiswa kuzona uJonathan wayehlale ekhona.
“Kwakwenziwa yini lokho?” kubuza uMngomezulu.
“Ngicabanga ukuthi sasithembekile,” kusho uJonathan.
UMngomezulu uphendule sakubhuqa ethi: “Uqinisile ngoba uthe uma ungena ebhokisini (lofakazi) ummangalelwa wangibiza, wathi uma ebuka le ndoda (esho uJonathan) kuthi akakhale ngendlela owamhlukumeza ngayo.”
UJonathan uphendule ngelithi yena akamazi ummangalelwa.