UNGQONGQOSHE wezeMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande uthi ngeke ananaze ukuthatha izinyathelo ukuze kulungiswe izinkinga ezibhekene nesikhwama esixhasa ngemali yokufunda izitshudeni, iNational Students’ Fiancial Aid Scheme(NSFAS).
UNzimande uthe nakuba zikhona izinkinga ezibhekene nalesi sikhwama kodwa asiguqile ngamadolo.
Uthe uyalele ibhodi leNSFAS ukuthi limnike umbiko lingakapheli leli sonto, ngokuthi lizozilungisa kanjani izinkinga.
“I-NSFAS yenza olwayo uphenyo. Uma ibhodi libuya lithi lithole ukuthi kunezinkinga kulabo abasabalalisa imali, ngeke ngisonge izandla ngizothatha izinyathelo ezifanele.
Ngilinde umbiko webhodi ukuze ngikwazi ukuthatha izinyathelo ezifanele.”
Ukusho lokhu ngesikhathi ephendula imibuzo ePhalamende.
UNzimande ukhale ngokuthi lesi sikhwama asisheshi ukuphendula uma kunezikhalo.
“Uhlelo okukhalwa ngalo lokukhipha imali yokuxhaswa kwezitshudeni lunezihibe, kodwa inqwaba yezitshudeni esezikhokhelwe ngaphansi kwalo.
Siyalele iNSFAS ukuthi isheshise ilungise izikhalo, okungenani lingakapheli isonto, uma sekubhekwa lezo zitshudeni ezithi ziphucwe uxhaso.
Asikho isidingo sokuthi kuthathe isikhathi eside ukubheka ukuthi umuntu bekumele yini athole uxhaso noma bekungamele.”
UNzimande uthe babambe inqwaba yezigebengu zezitshudeni ezikokotele ulwazi, ukuze zithole uxhaso.
“Lezo zitshudeni esizibambile bekumele vele ngabe azilutholanga uxhaso. Yingakho kuthathwe uxhaso kuzona ngoba bezigebenga lesi sikhwama ukuze zithole uxhaso.
Ezinye abazali bazo bahola kahle, ngakho vele bekungafanele zixhaswe,” kusho uNzimande.
Usho lokhu nje kukhalwa nxazonke ngohlelo lokuxhaswa kwezitshudeni kusetshenziswa izinkampani ezine ezizimele.
Lokhu kudale imibhikisho ezikhungweni ezehlukene zemfundo.
UNzimande uthe bavumelane nezikhulu zeNSFAS ukuthi zithamele imihlangano ehlanganisa nabaphathi bamanyuvesi, ukuze kulungiswe izikhalo ezivelayo.
Ukhale ngezitshudeni zasemakolishi amakhono, abathole ukuthi zilanda imali uma kuqala inyanga bese zingayilandi.
“Ezinye izitshudeni zithatha le mali, bese zingayi kofunda. Akuyona imali yesibonelelo nje sokuthi izitshudeni zizondle ngayo kodwa wuxhaso lokufunda. Yingakho sifuna abaxhaswayo bachithe u-80% wesikhathi sabo befunda,” kusho uNzimande.
Uthe lesi sikhwama sibhekene nengcindezi yokuthi baningi abafuna uxhaso kusona.
Uveze ukuthi ngo-1991 sasabelwe uR214 million, sixhasa izitshudeni ezingu-7 000 kanti manje sesixhasa izitshudeni ezevile ku-1.1 million, sinesabelo esinguR47.6 billion.
Uthe kuzothi kungakapheli lo nyaka abe esewethulile umbiko kwiKhabhinethi ngezinye izindlela okungaxhaswa ngazo izitshudeni ezingakwazi ukuthola uxhaso lweNSFAS ngoba abazali bazo behola kakhulu.