UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme nezokuQeqesha, uDkt Blade Nzimande, uhlela ukuhlonipha iSilo samaZulu esesabuza uGoodwill Zweilithini kaBhekuzulu. Ufuna ukushintsha igama lekolishi lamakhono iMthashana TVET esifundeni iZululand, alibize ngeMdlokombane.
UNzimande ukusho lokhu muva nje, ngesikhathi evula uphiko lwekolishi oluseBabanango, oluzogxila ekuqeqesheni abantu abasha ngamakhono.
Ufuna kusheshiswe ukuguqulwa kwegama lekolishi elinezikhungo eziyisithupha, lungakafiki ukhetho lwangonyaka ozayo lukazwelonke.
UNgqongqoshe ubeke kanje ngeNgonyama eyakhothama:“UMdlokombane wayeyithanda imfundo. Ngathi ngizombikela ukuthi ngiya kwaGqikazi, washiya yonke into ayeyenza sahamba naye. Kuningi akwenzele imfundo, ngakho ngeke sigcine ngokuthi kuqanjwe inkundla yemidlalo ngegama lakhe, kungabikhona isikhungo semfundo esizoqanjwa ngaye.”
Uqhube wathi usibikelile iSilo esibusayo uMisuZulu kaZwelithini, ngalesi sinyathelo sakhe, iNgonyama yasamukela.
INgonyama uMdlokombane ihlonishwa umhlaba wonke nangezinhlelo eyazivuselela okubalwa uMkhosi woMhlanga, ozoba ngempelasonto esigodlweni iNyokeni, KwaNongoma.
Uqhube wathi isikhungo sizofundisa ngezinto ezinjengerobotics, kukhandwe amaselula, namakhompyutha namanye amakhono azosiza abantu abasha.
“Kuzovuleka amathuba emisebenzi kule ndawo esemakhaya, amaNgisi namaBhunu ayengafuni ithuthuke. Asifuni ukuthi amaselula akhandwe abantu bangaphandle kodwa sifuna akhandwe yintsha yakuleli,” kusho uNzimande.
Uqhube wathi indawo inomlando ojulile wathi waze wazogawula nenduku enhle kuyona, okungunkosikazi wakhe uMaNtombela.
“Ngeke ngingayilethi intuthuko ngoba kuzothiwa isekhweni lami. Nginxusa abantu bendawo kanjalo nomphakathi ukuthi usiphathise okweziKhali zamaNtungwa lesi sikhungo.”
Uthe abantu abasha bazokwazi nokuthola i-internet ukuze bayisebenzisele izidingo zabo.
“Njengoba izinga lokungasebenzi entsheni lingu-4.9 million kuleyo eneminyaka engu-15 kuya ku-34, ngalesi sikhungo sihlela ukuthi sehlise leli gebe letsha engatohozi. Izinga lokungasebenzi kuleli limi ku-32.9%.”
Uveze nokuthi abantu abangu-3.7 million, kwabangu-10.2 million abaphakathi kuka-15 kuya ku-24, abasebenzi, abafundi futhi abaqeqeshiwe.
UNzimande unxenxe abaphathi besikhungo ukuthi bangasiyekeleli isikhungo size sicekeleke phansi wathi uma kudingeka silungiswe, kumele bakwenze ngokushesha lokho.