UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, uyalele isikhwama esixhasa izitshudeni ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), ukuthi sibophe abazali nezitshudeni eziqole lesi sikhwama.
UNzimande uthe ufuna izikhulu zesikhwama zibheke nezikhalazo zezitshudeni ngemali okumele ziyikhokhe uma zisebenzisa amakhadi, okufakwa kuyona imali.
Uthe bafuna isikhwama sisheshise izimpendulo kulabo abasuke befake izimangalo ngezithinta uxhaso.
“Siyalele iNSFAS ukuthi ibophe abakhwabanise imali, befaka izicelo besebenzisa izinto zomkokotelo. Abanye babanjwe ngenxa yokusebenzisana nophiko oluqoqa intela oluveze ulwazi lokuthi abazali babanye ababefuna uxhaso, bahola imali enkulu okwenza ukuthi bangangeni ngaphansi kwabantu okumele ngabe bayaxhaswa. Sifuna kubhekwe nendaba kaR12 okhokhwa yizitshudeni uma kudingeka zisebenzise amakhadi,” kusho uNzimande, esithangamini nabezindaba izolo ePitoli.
Usho lokhu nje izitshudeni ezikhungweni ezehlukene zimashile zikhala ngokuthi yinkulu imali okudingeka ziyikhokhe uma zisebenzisa amakhadi.
UNzimande uthe zingu-178 426 izikhalazo ezithinta ukuphucwa uxhaso ezifakwe yzitshudeni kwiNSFAS.
Uchaze kanje uNgqongqoshe uNzimande: “Ezikhalazweni zokuthi kubuyekezwe isinqumo kwezingu-178 426, ezingu-30 712 zithathwa njengento engekho. Ezingu-41 438 bekudingeka ukuthi kulethwe olunye ulwazi olungabazali noma ababhekele labo abafake izicelo.
“U-20 908 wazo kulindwe imiqingo efanele ngoba kwalethwa okungeyona. Izitshudeni ezingu-20 530 azizange ziphase, ngaleyo ndlela zachithwa ngoba ukuze uqhubeke nokuthola uxhaso kudingeka uphase izifundo zakho.”
Uthe lukhona uhlelo lokuthi izitshudeni zifake izikhalazo uma kungukuthi ziphucwe uxhaso kungafanele.
“Kodwa ngeke sikuvume ukuthi abantu bamashele ukuthi sibuyise uxhaso kubantu abangafanele. Asikwazi ukuxhasa abantu kungafanele ngoba lokhu kufana nobugebengu,” kucacisa uNzimande.
Usho lokhu nje, izitshudeni eziphuma ezikhungweni ezehlukene zamasha zikhala ngokuthi ozakwabo baphucwa uxhaso.
UNzimande uthe isikhwama sithole izicelo zoxhaso ezingu-1.1 million, ekuqaleni konyaka, wathi ezingu-156 700 zazo ezabahola imali yesibonelelo sabantwana kwaSassa.
Uthe zingu-509 220 yizitshudeni esezixhasiwe emanyuvesi ngoR40 billion. Zingu-250 548 esezixhaswe emakolishi amakhono ngoR8.6 billion.
Uqhube wathi ezinye izitshudeni azikayithumeli imininingwane yazo ephuma emanyuvesi, ukuze zithole uxhaso.
USihlalo webhodi leNSFAS uMnuz Ernest Khosa, uthe ngeke bakwazi ukuxhasa izitshudeni eziphucwe uxhaso ngoba bezixhaswe kungafanele futhi lokho kuzobaqhatha nabacwaningi mabhuku.
Uthe basebenzisana nezinhlaka ezehlukene ukuqinisekisa ukuthi baxhasa izitshudeni ezifanele.