UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, usebhalele ibhodi lesikhwama esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), efuna ukwazi ukuthi iliphi iqhaza lalo ekuqokweni kwezinkampani ezine ezazithole ithenda yokusabalalisa imihlomulo yezitshudeni.
Lokhu kulandela ukuthi leli bhodi likhombe indlela obeyisikhulu esiphezulu uMnuz Andile Nongogo, lahoxisa nezinkontileka zalezi zinkampani ezine ebezenza lo msebenzi ziwenzela iNSFAS.
Umbiko wethimba labameli elijutshwe ukuthi liphenye ukubandakanyeka kukaNongogo ekukhishweni kwalo msebenzi, lathola ukuthi waba nesandla ekutheni enye yazo ithole umsebenzi njengoba ayenobudlelwano nayo.
UNzimande uthe izikhulu zomnyango wakhe zimatasa zifunda umbiko waleli thimba labameli.
Uthe zizobe sezimbonisa ngokuthi iziphi izinyathelo okumele azithathe.
“Asifuni isimo siphume esandleni yingakho ngilicebisile ibhodi ngokumele likwenze. Kuyadingeka ukuthi zilungiswe izingqinamba ezibhekene neNSFAS. Ngifuna ibhodi lingitshele ngeqhaza lalo kuyona yonke into eyenzekile,” kusho uNzimande.
Uthe ukhathazekile ngokungahanjiswa ngendlela kwezinto yiNSFAS okuyizinto ezihlonzwe umbiko wabaphenyi.
“Engifuna ibhodi lingitshele khona ngukuthi iluphi ulwazi elaluthola ngasiphi isikhathi nokuthi iziphi izinyathelo elazithatha. Ngifuna ukwazi nokuthi ubani owayegunyaza izinto ezithile. Ngifuna nokwazi ukuthi izincomo zabaphenyi zizolandelelwa kanjani ngoba angifuni kube nokuphazamiseka ekukhishweni kwemihlomulo.”
Unxuse ukuthi ibhodi lisebenzisane nabaphathi beNSFAS ukuze kuqiniswe ukusebenza kwalesi sikhwama.
“Imihlomulo yezitshudeni kumele kuqikelelwe ukuthi ikhishwa ngesikhathi nokuthi kungabi nokuphazamiseka ekukhishweni kwayo. Asifuni kube nezinkinga ezingadala ukuthi kungabi nozinzo.”
Uthe ulindele umbiko emasontweni ambalwa azayo.