ISILO uMisuzulu kaZwelithini, sihlonishwe ngomjiva obomvu yibandla lamaNazaretha eliwunikezwe ngumholi uMnuz Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, izolo ngesikhathi kunomkhuleko esigodlweni eNyokeni KwaNongoma.
Bekumhlophe igceke esigodlweni eNyokeni ngesikhathi amaNazaretha ehambise umkhuleko kokaNdaba. Bekulokhu kuqhuma u-uyingcwele no-Ameni ngesikhathi kubonakala uNyazilwezulu luhamba ebaleni.
Amakholwa atheleke ngezikhathi zasekuseni esigodlweni enza umkhuleko wasekuseni, okuyiNkonzo yeSabatha yasekuseni eqala ngehora lesishiyagalolunye. ISilo uMisuzulu kaZwelithini sitheleke ngezikhathi zasemini sizothamela iNkonzo yeSabatha yasemini. Akubanga yisikhathi eside amaNazaretha ahosha umjiva obomvu acela ukwembesa iSilo, kwaba nenhlokomo kujatshulwa. AmaNazaretha abevamile ukuhambisa umkhuleko ngesikhathi kusekhona iSilo uZwelithini kaBhekuzulu.
Okhulumela iNdlunkulu uMntwana uThulani kaGqikazi ,exoxa nabe-eNCA, uthe basaqhubeka esisekelweni esakhiwa yiSilo esidala. Umkhuleko wenziwe endlunkulu esemanzini emuva kokubulawa kukaMntwana uMuntukaphiwana Zulu, odutshulwe nomqaphi wakhe. UMntwana uThulani uthe bebengeke bawuhoxise umkhuleko ngoba yilapho obusudingeka khona kakhulu.
“Simi phezu kwesisekelo esabekwa yiSilo esakhothama maqondana nomkhuleko wanamuhla, njengoba nibona nje kuqala inkonzo,’’ kusho uMntwana uThulani.
Ukuhlangana kwamaNazaretha nendlunkulu kuqinisa ubumbano phakathi kwezinhlangothi zombili ngoba kuke kwaba noqhekeko phambilini. Indaba yayisukela ngesikhathi iNkosi uVimbeni “Uthingolwenkosazana” Shembe idunguzela, kwajikiswa iSilo uZwelithini kaBhezukulu sithi siyoyibona.
Okunye okuqaphelekile wukuba khona kukaNdlunkulu Nompumelelo MaMchiza Zulu, waseNyokeni obethamele inkonzo. Bekukhona noNdlunkulu Jane MaNdlovu Zulu, wesigodlo saKwaLinduzulu. Abanye abaNtwana basendlunkulu bebephume ngothi lwabo bezothamela inkonzo.