NKOSIKHONA CELE
USHAYE phansi ngonyawo izolo eNkantolo eNkulu yaseThekwini, uNongcebo Faith Ntombela owavuma icala lokubulala umyeni wakhe, wathi akafuni ukugwetshwa phambi kwezingane zakhe ezintathu.
UFaith wahlela ukubulala umyeni wakhe uCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela owadutshulwa esemzini wakhe okwa-S, eMlaza ngoMeyi 3 ngonyaka odlule. Waphuthunyiswa esibhedlela eMedical Towers eSiphingo okuyilapho okwafike kwamenela khona.
Ngemuva kwalokho kwaboshwa inkabi uMzo Ntombela eyageqa amagula enkantolo ngalo lonke itulo, yavuma ukuthi yayithunywe nguNkk Faith Ntombela.
UNkk Ntombela wabe eseboshwa kanye noMnuz Sithembiso Khumalo onguthishanhloko waseMpumulwane Primary, KwaMaphumulo naye osolwa ngokuba mdibi munye nabamangalelwa ngesikhathi setulo.
Kwavela negama lenkabi esejele uKhulani Cele njengoba kuthiwa yiyona eyayimkhuthaza uNkk Ntombela ukuba asoconge umyeni.
Izolo eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngaphambi kokuba kuqale ukugwetshwa kwakhe, uthe akafuni ukugwetshwa phambi kwezingane zakhe.
Inkantolo kuze kwadingeka ukuba izikhiphele emnyango izingane zakhe ukuze kuqale ukugwetshwa kwakhe.
UFaith wazakhela udumo njengoba wayehlezi efika enkantolo eswenke econsa futhi emamatheka ecela nezintatheli ukuba zimthathe izithombe ezinhle.
Inkantolo ibe seyimgixabeza ngodilikajele ngecala lokubulala umyeni wakhe. Iphinde yamgixabeza ngeminyaka emihlanu ngecala lokuhlela ukubulala, neminye emihlanu ngecala lokweba isibhamu somyeni wakhe nonyaka owodwa ngecala lokunikezela ngolwazi olungamanga emaphoyiseni.
Inkantolo imsole ngokuba nonya njengoba ithe sasingekho isidingo sokuthi angahlela itulo lokusoconga umyeni wakhe ngoba nakhu efuna imali.
"Okokuqala wena ubusebenza kahle eNkantolo yaseMlaza. Nawe ubuhola njengomyeni wakho. Sasingekho ke isidingo sokuthi uze ufune ukubulala umyeni wakho ngenxa yemali,'' kusho ijaji.
Emasontweni edlule uNkk Ntombela utshele inkantolo ukuthi wabulala umyeni wakhe ngoba wayemhlukumeza.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule uNkk Ntombela wagonyuluka ngetulo lokusoconga umyeni wakhe, eNkantolo eNkulu yaseScottburgh.
Waveza ukuthi konke kwaqala ngoMashi 22 ngesikhathi kuFacebook ethola isimemo kowesilisa owazibiza ngesikhulu se-African National Congress uMnuz Siboniso Duma.
Watshela inkantolo ukuthi ngokuhamba kwesikhathi wathola ukuthi empeleni lo wesilisa uwumgulukudu omdala oyinkabi esatshwayo KwaZulu-Natal ebhadle ejele, igama lakhe okuwuKhulani Cele.
Uthi le nkabi yazenza lesi sikhulu yamthembisa izulu nomhlaba nokuthi izomlekelela akwazi nokuthi athole ithenda lokuphakela izingane esikoleni, kwazise wayenenkampani yokupheka iC Ngwata (PTY LTD).
UFaith ufike enkantolo efake ingubo enombala ogqamile. Akazange akhombise ukuthuka uma inkantolo imgixabeza ngodilikajele.
Kwavela nokuthi uNkk Ntombela waqala wazama ukumbulala ngoshevu umyeni wakhe kodwa lelo tulo lagcina liphunzile.
UMnuz Nkosinathi Ntombela oyiwele likamufi, uthe kwabadumaza kakhulu okwenziwa umakoti wabo.
Uthe bajabule kakhulu ukuthi ekugcineni uFaith usezogqunywa ejele isikhathi eside ngecala alenza.
Bekuthi uma njalo evele enkantolo yeMantshi yaseMlaza kube nomphakathi nezihlobo ezibhikishayo. Zazivamise ukucula iculo elithi: "WeFaith Ntombela wena wezwa ngobani ukuthi indoda iyabulawa?''
Izigemegeme zikaFaith Ntombela.
1 Ngosoku lokubulawa komyeni wakhe ngoMeyi 3, uyena owathuma umufi esitolo ukuze ezodutshulwa uma esebuya.
2 Wanikezela ngomfaniswano womyeni wakhe wamaphoyisa enkabini uMzo Ntombela ukuthi awufake ngosuku lokubulala ukuze angeke athuke umufi uma ebona umuntu asebenza naye.
3 Wathatha isibhamu somyeni wakhe sohlobo lweC7 Model 70 Semi-Auto Pistol wasinikeza inkabi ukuze kusetshenziswe sona ukuqeda ngomufi.
4. Efika esibhedlela eMedical Towers, kuthiwa wayehayiza ekhala kakhulu ukudlula bonke abantu enzela ukuthi inkukhu ingawusoli umgqakazo ngokuthi uyena ungqondongqondo wetulo.
5 Waqoma umuntu angamazi kuFacebook ezitshela ukuthi isikhulu se-ANC.
6 Wenza imizamo yokuthi ayidlise ushevu indoda yakhe.
7 Wazama nokubulala umphenyi wecala uWarrant Officer Sibusiso Ntshangase kodwa naleyo mizamo yaphunza.
8 Bekuthi uma efike enkantolo yeMantshi yaseMlaza ngonyaka owedlule amamatheke engaqedi aze acele nezintatheli ukuba zimthwebule izithombe ezinhle. Kukhona lapho abuza khona izintatheli ukuthi kungani zingamphatheli iphephandaba uma zize enkantolo ukuze naye ezozibona ephepheni.
Izolo kuhlwe emini njengoba izintatheli zicele ukuthatha izithombe enkantolo kodwa ummeli wakhe u-Ashwin Rubheer washaya phansi ngonyawo ekhala ngokuthi ummangalelwa akafuni ukuthi kuthathwe izithombe zakhe.