UMYENI kaZanele Mbokazi-Nkambule, uMbhishobhi Mpendulo Nkambule, ukhuze abasabalalisa ukuthi umkakhe uthakathwe emsakazweni Ukhozi FM okuholele ekutheni ashone.
Lokhu ukusho enkonzweni yesikhumbuzo kaZanele ebisetendeni le-GNF Ministries eDurban Station, ngoLwesine.
“Abantu abayiyeke le nto yokuthi uZanele uthakathwe emsakazweni Ukhozi FM lapho abesakaza khona. Ubephathene kahle nabo bonke abakulo msakazo kodwa uhlaselwe wumdlavuza okuyiwona othathe impilo yakhe. Nokubuyela emsakazweni Ukhozi FM ubengayiswa wukuthi ufuna imali kodwa ubekuthanda ukuba phambi kombhobho. Iphupho lakhe lokuthi abuyele emsakazweni, ngiyabonga ukuthi uhambe selifezekile. Ngiphinde ngibonge uSbongi (uSbongi Ngcobo ongumphathi woKhozi FM) ukuthi enze leli phupho lifezeke,” kusho uNkambule.
Kuvuke umunyu wakhihla isililo uNkambule uma ecabanga ukuphilisana kamanndi noZanele nezingane zakhe athe azikaze zikhombise ukungamhloniphi nangelilodwa ilanga.
“Ngo-2021, ngishonelwe yinqwaba yamalungu omndeni wami ngenxa ye-Covid-19. Kwashona umama, omalume nabafowethu ngesikhathi esifishane. UZanele ube iyona yonke into kumina njengoba ephenduke umama, umngani, udadewethu njengoba kunguyena ebengimkhalela kunzima. Namhlanje ngizwa ubuhlungu obukhulu ukuthi sengishiywe uyena. Bengithi angizokhuluma kodwa ngikhumbula amagama awasho kimina engitshela ukuthi ngizokhuluma futhi ngicule enkonzweni yomngcwabo wakhe,” kusho uNkambule kwehla izinyembezi.
Udadewabo kaZanele, uKitty Mbokazi-Zulu, uthe ngesikhathi kushona umama wabo ohambe ngomdlavuza eminyakeni edlule, wakhuleka ukuthi kungaphinde kushone muntu kubo ngale ndlela.
“Kubuhlungu ukuthi uZanele naye usehambe ngendlela efanayo. Yinto ebengihlala ngiyikhulekela ukuthi ingaphinde yenzeke ekhaya kodwa nakhu sekusiphindile futhi. Ngidiniwe kabi yile nto. Ngicela ngisho nozosiduduza angalokothi esivulela izwi elithi ‘Inkosi idinga ithole layo.’ Hawu ingaze izolidinga kuthina sivele sesibancane kanje bebe bebaningi abaseyinqwaba emakubo. Noma kunjalo kodwa siyabonga indlela eniseseke ngayo. Kusuka udadewethu eqalwe wukugula, abantu bebengena bephuma bezosibheka. Ngisho eseshonile udadewethu abantu balokhu bekhombise uthando njalo. Siyabonga kakhulu ngenisenzele kona,” kusho uKitty.
Uthe uyabonga nangendlela abebethandana ngayo nombhishobhi njengoba bebambisane kwaze kwaba sekugcineni.
“Ngikhumbula uZanele ezokwethula umbhishobhi kumina. Ngashaywa wuvalo ngibona lolu ngqwazi lwensizwa. Ngaze ngathi ninezibindi weZanele. Iphinde le ndoda ibe umbhishobi futhi,” usho kanje.
Indodakazi kaZanele, uYolanda ibonge ukwesekwa komndeni kusuka unina eqalwa wukugula ezinyangeni ezintathu ezedlule kuze kube yimanje.
“Umama ubenesibindi enza izinto zenzeke. Nami nginaso isibindi sikama. Ngizoqhubeka lapho egcine khona. Noma kungeke kufike ezingeni lakhe. Silimele kakhulu ngokuhamba kwakhe ngoba impilo yethu ngeke isefana nesikhathi esekhona kodwa impilo izoqhubeka,” kusho uYolanda.
Enye indodakazi kaZanele, uNonjabulo ithe bayajabula ukuthi banoyise onguMbhishobhi Nkambule kanti nodadewabo kanina uKitty usekhona.
Kule nkonzo bekugcwele kunyinyitheka kuphume nesinedolo. Abaculi bowokholo baphinde babhonga emsaneni ngokuthi banikele ngenkomo bephelezela uZanele ngayo.
Kule nkonzo bekugcwele inqwaba yosaziwayo nabaculi abaduduze ngomculo. Phakathi kwabo singabala o-Ayanda Ntanzi, Dumi Mkokstad, Jumbo, Andile kaMajola, Tira, Ga Ndlela, Thobekile, Sipho Makhabane, Ihhashelimhlophe nonkosikazi walo u-Ebony, Noma Ngoma, usomabhizinisi uThemba Njilo, ababhishobhi nabafundisi bamabandla ehlukene, Lindelani Mkhize, Dudu “Lady D” Khoza, Sbongi Ngcobo woKhozi FM, Zimdollar Biyela, Timothy Myeni, Zulu Pavarotti, nabanye abaningi.
Inkonzo yomngcwabo kaZanele izoba se-ICC eThekwini ngoMgqibelo bese efihlwa emathuneni eMarianhill, ePinetown.