IMANTSHI ikhale ngendlela enesihluku okubulawe ngayo intombazane eneminyaka engu-14 ngesikhathi inqabela ibheyili unina ongumsolwa ecaleni lokubulala.
Kuthiwa isidumbu sikamufi uLuvuyo Tafadzwe Bera besikade sinamanxeba amathathu okushaywa ngento ethile esiphundu futhi sinezibazi zokuklinywa.
Kube sekuboshwa uNksz Ncamisile Evarista Hlophe (43) obehlala naye emzini okwa-D, KwaMashu.
Umsolwa wenqatsheliwe ibheyili yiNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, ngoLwesihlanu, phambi komakhelwane abebethamele icala.
IMantshi N Madlala ithe nakuba umufi esekobandayo kodwa uyabudinga ubulungiswa, umndeni wakhe ufuna izimpendulo ngakho ngumsolwa kuphela ongakwazi ukuphendula ukuthi kwenzakalani ngosuku lwesigameko.
“Leli yicala elingajwayelekile. Ulindele ukuthi umzali kube nguye onikeza ingane uthando. Ingane ibizokhula ilime indima ethile emphakathini kodwa yabulawa ngesihluku esikhulu,” kusho uMadlala.
Uthe ngokunqaba kwakhe ibheyili akasho ukuthi umsolwa unecala noma umsulwa kodwa yinkantolo eyolalela icala lakhe eyokwahlulela uma seliphothuliwe.
Umsolwa ubefake isicelo sebheyili wathi ufuna ukuyongcwaba umufi. Uveze nokuthi unebhizinisi lokupheka elimile ngoba esezikhindini. Kodwa akayihlinzekanga inkantolo amaphepha alo nokuthi lenza malini.
UMbuso uthe unezitatimende zomakhelwane abezwa umsindo wengxabano phakathi kukamsolwa nomufi. Sekuthulekile, kuthiwa umsolwa waphumela ngaphandle wacela usizo lokutholelwa i-ambulensi komakhelwane.
Abanye balabo makhelwane abangathandanga ukudalulwa amagama, bathe abamazi umsolwa enjena, bebemazi ngomuntu olungile ngakho kumele akhulume iqiniso ukuthi kwenzakalani.
Kuthiwa ngoJulayi 22, umsolwa utshele amaphoyisa ukuthi umufi waphuza amaphilisi ekhanda wawa phansi esuka embhedeni ayekade elele kuwona.
Kodwa emuva kokuhlolwa kwesidumbu kube sekuvulwa icala lokubulala sekutholakele ukuthi umufi akazishonelanga.
Kuboshwe uNksz Hlophe obenguye kuphela obehlala nomufi, wathweswa icala lokubulala.
UNksz Hlophe obegundile ekhanda efake nezibuko, akazange akhale, athukuthele noma akhombise ukudangala encishwa ibheyili.
Icala libe selihlehliselwa ngasekupheleni kukaSepthemba, ukuze kuqhutshekwe nophenyo.