UNDLUNKULU uNtokozo Mayisela Zulu namhlanje ugubhe usuku lokuzalwa kweSilo uMisuzulu Zulu ngokuyonikelela abafundi bakamatric Ohlange High eNanda. UNdlunkulu ubehambisana neKamasikole Foundation kanjalo nabeGoodmen Foundation wanikelela abafundi ngokudla okunempilo, ithangi lamanzi nokunye okuningi.
"Ingonyama ifisa kungabungazwa yona kodwa kujatshulwe nabantu bayo. Konke kuqala esikoleni, akukho okuvele kuzenzekele. Imfundo isikhali sakho sokushintsha impilo yakho nesimo sasekhaya,"kusho uNdlunkulu uMayisela Zulu.
Uthishomukhulu uMnuz Siyanda Nxumalo uveze ukuthi kuyabajabulisa ukubona abantu abaneqhaza elikhulu emiphakathini bebavakashela kwazise isikole sabo sicebe ngomlando wamaqhawe.
UGugulethu Nzama (18) waseMaoti owenza umatric, uthe kubajabulise kakhulu abakwenzelwe uNdlunkulu futhi kumnikeze ugqozu lokuya eMkhosini woMhlanga ngonyaka ozayo. "Bekubhalwa esikoleni silungiselela khona bekungelula ukuthi siphumelele sonke kodwa bakhona abayile abafunda amaklasi aphansi. Amazwi kaNdlunkulu ayangikhuthaza, nami ngizimisele ngokuya emhlangeni ngonyaka ozayo,"kusho uGugulethu.
USphesihle Nzuza (19) wasePhase 1 uthe kumjabulise kakhulu ukubona uNdlunkulu ngamehlo ngoba ubehlala ezwa ngaye engakaze ambone. "Siyafisa ukuthi babuye basivakashele nezinhlelo zemfundo njengemfundaze. Kuyasigqugquzela nathi ukuthi senze kahle sibuye sibe isibonelo kulesi sikole ngelinye ilanga,"kusho uSphesihle.