AKUPHUMANGA gama emhlanganweni wamakhosi nekhabhinethi laKwaZulu-Natal obubizelwe ukuzobhunga ngombango wombhobho owasuka emcimbini wokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetshwayo.
Umhlangano wangoLwesithathu awuzange unqume ukuthi uMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, uMnuz Siboniso Duma, uzoya nini ukuyoshweleza eSilweni uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Ubuholi bomdabu KwaZulu-Natal bebuhlangene nekhabhinethi lesifundazwe ngoLwesithathu lapho bekuxoxwa khona ngesenzo sikaDuma sokuphuca undunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, umbhobho.
Umhlangano obuseThekwini udonse kwaze kwaba ntambama.
Usihlalo wendlu yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal, inkosi Sifiso Shinga, uthe abazange baluphothule udaba.
"Yebo sihlanganile nekhabhinethi kodwa isiphetho sodaba asizange sifike kusona."
Amakhosi nekhabhinethi bahlukene ngokwemibono uma kuza endleleni okufanele lusingathwe ngayo lolu daba.
Amakhosi ayamgxeka uDuma, amsola ngokwehlisa uButhelezi isithunzi.
Ikhabhinethi yona iyameseka uDuma, ithi wenza kahle wayabula umbhobho.
Isola uButhelezi ngokufaka ipolitiki emcimbini kahulumeni.
Yize kunalokhu kwehlukana kwemibono, uShinga uthe umhlangano wabo uhambe kahle.
"Sijabule kakhulu ngesikuxoxile. Iqiniso ukuthi sanelisekile."
Amakhosi ayalela uDuma ukuthi aqale azovela phambi kwawo ngaphambi kokuthi ayoshweleza eSilweni.
Amakhosi athi iwona azohambisa uDuma kwiMbube.
UShinga uthe abakanqumi ukuthi bazomyisa nini uDuma eSilweni.
"Usuku alukaziwa, sizonazisa uma selubekiwe."