OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, uthi akafuni ukukhuluma nabezindaba ngodaba lokujoyina kwakhe uMkhonto Wesizwe (MK) Party, esanda kumenyezelwa ngowayengumengameli uJacob Zuma.
Kwenzeka lokhu nje, izwe libheke okhethweni lukazwelonke oluzoba ngonyaka ozayo kanti isiphithiphithi samaqembu sesivele siqalile.
NgoMgqibelo, uZuma umemezele ukuthi ngeke esayivotela i-ANC futhi ngeke esayikhankasela kodwa uhamba nombutho uMkhonto Wesizwe (MK) Party. Emuva kwesimemezelo sakhe, kube nelikhulu isasasa abantu bejoyina iqembu elisha, besho ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bazolivotela.
UZuma ethula iqembu, ukhale ngokuthi kuningi angeneme ngakho kuKhongolose futhi ngabe uholela abantu oPhathe uma ethi abawuvotele.
UMkhonto weSizwe lona ababiza ngawo iqembu labo, kwakungumbutho we-ANC wezempi owabunjwa ngo-1961 wuMnuz Nelson Mandela owaba wumengameli wezwe wokuqala wentando yeningi. UZuma wayeyingxenye yawo lo mbutho, waze waba wumkhuzi wawo.
Uhlakazwe ngokusemthethweni ngo-1993, ngesikhathi sekusondele ukhetho lukazwelonke lwentando yeningi.
UZuma wesule esikhundleni sikamengameli ngo-2018, emuva kokuthi i-ANC yayimshishibeza ngolumabhaxa sekukhona ubuholi obusha benhlangano.
UZuma uhlale kwi-ANC iminyaka engaphezu kwengu-60, wayihola ezigabeni ezehlukene waze waba wumengameli wayo amahlandla amabili. Waze wajutshwa kwesikamengameli wezwe ngenxa yokuba wumengemeli wawo uKhongolose.
Umbutho iMK umemezele ekhasini lawo kuFacebook ukuthi uNgizwe usejoyinile naye.
“Zikhala lokhu kwangempela-ke manje, uMengameli wamaBhinca uNgizwe usephakathi,’’ kusho umbhalo we-MK Party.
Ngaphandle kwalokho, lokhu kuqinisekiswe yindodakazi kaZuma, uDuduzile ekhuluma nabezindaba.
UNgizwe osondelene noZuma, akayiphiki akayivumi eyokujoyina kodwa uthe akafuni ukuyixoxa nabezindaba.
“Cha angikhulumi nezintatheli mina, kulolo daba nje angeke ngiphawule lutho. Niyobhayizisa abayizilima abanganazi, hhayi mina. Ngithi cha angiphawuli!’’ kusho uNgizwe ngesankahlu evala ucingo, engasafuni ukwanda ngamagama.
UNgizwe udume kakhulu ngesikhathi kuboshwa uZuma ngo-2021, nokulapho naye ahlaselwa khona amaphoyisa emzingela. UNgizwe wagcina ezinikela emaphoyiseni waboshwa wavela enkantolo wahamba icala waze walinqoba.