INGENISWE esibhedlela kukubi indoda ehlaselwe yizigebengu ngesikhathi isaxoxa nomahosha izama ukuthenga ukuze izibusise ngenkonzo yasekamelweni. Owesilisa ongeke adalulwe oneminyaka ebalelwa ko-30, kuthiwa wehlelwe yilesi sigameko eVerulam, eThekwini.
Isolezwe lithole ngabe-Reaction Unit SA (RUSA), ababizelwe endaweni yesigameko bamthola elele elimele kabi. UMnuz Prem Balram, okhulumela iRUSA uthe lo mlisa ubekade edla amambawu nabangani bakhe.
Ubashiyile abangani wehlela kujantshi wesitimela lapho okuthiwa kuvame ukubonakala khona abesifazane abadayisa ngomzimba kanti selizomlahla elakubo.
“Uthe esuka waya kowesifazane okuthiwa udayisa ngomzimba ngenhloso yokuthenga, uthe esaxoxa naye wabhozonyelwa abalisa ababili omunye ephethe ummese. Bambambe inkunzi bamphuca imali base beshaya bechitha naye umahosha lowo,’’ kusho uBalram.
UBalram, uthe bamfice lo mlisa edindilizile elimele kabi kwavela ukuthi ubuye washawa ngento eyinsimbi ngesikhathi ebanjwa inkunzi. Bathe baqaphelile ukuthi ubedle kakhulu uphuzo oludakayo owehlelwe wumuga.
UBalram uthe le ndoda ibuyele kubangani bayo isesimeni esibi ilimele kanzima nabo bathuka ukuthi isidliwa yini. Baphuthume bathinta iRUSA ukuthi izosiza lo mlisa. Kuthiwa bathe ukumxilonga kancane kwacaca ukuthi ulimele kakhulu bamthumela esibhedlela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aphenya udaba lokulimala kowesilisa okuthiwa ushawe kanzima.
“ Amaphoyisa aseVerulam aphenya icala lokushaya kanzima ngenhloso yokulimaza kulandela ukuthi owesilisa eshawe abalisa abangaziwa. Ulimale kabi wangeniswa esibhedlela esesimeni esibi,’’ kusho uNetshiunda.