UZOFIHLWA kusasa uthishanhloko oshone ngeledlule ngemva kokudutshulwa ngabasolwa abangaziwa, esendleleni ebheke emzini wakhe.
UMnuz Sipho Nkosi (55) waseDurban North, obenguthishanhloko esikoleni, iBright Future Special, kuthiwa uhlaselwe wadutshulwa ngoLwesine esendleleni.
Isimemezelo esithunyelelwe kwabezindaba ngokhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi, sithi inkonzo yomngcwabo kaNkosi izoba kusasa esontweni, iKwaMashu Christian Centre.
UMahlambi uthe izindaba zokubulawa kukaNkosi zibathusile bewumnyango, wathi bagcine ukuhlangana nomufi ngesonto eledlule ohlelweni olubizwa ngePresidential Youth Employment Empowerment Initiative, eMhlanga.
“Besikade sinaye ngayizolo, nakho sesizwa izindaba zokuthi udutshuliwe. Asifuni ukuqagela ngokwenzekile kodwa lolu daba silushiyela emaphoyiseni. Siyethemba ukuthi abenzi balokhu bazoboshwa maduze, siyafisa nokwazi imbangela eholele ekubulaweni kwakhe,” kusho uMahlambi.
Uchaze uNkosi njengomuntu obephapheme, ejabule futhi enomdlandla kunoma yini ayenzayo kanti kwabaningi kusenzima ukwemukela ukudlula kwakhe emhlabeni.
UNkosi kuthiwa ubebuye abengunobhala wenyunyana yothisha iSouth African Democratic Teachers Union (SADTU) egatsheni Umngeni.
UNobhala weSadtu KwaZulu-Natal uNksz Nomarashiya Caluza, uthe ukubulawa kukaNkosi, kuwukulahlekelwa kwenyunyana ngoba umsebenzi wakhe ubewenza ngobuqotho.
“Ukushona kwakhe kusethusile. Siyinyunyana sikhalisana nomndeni, sinxusa amaphoyisa ukuthi asebenze kanzima ukuphenya, kuboshwe ababulali,” kusho uNksz Caluza.
Imizamo yokuthola umndeni kaNkosi ayiphumelelanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala.