UNGASE uhlakazwe umkhandlu wase-Ekurhuleni, owehlulwa wukukhetha imeya entsha.
UMasipala Ekurhuleni usuhlale isonto ungenayo imeya ngemva kokukhishwa kukaMnuz Sivuyile Ngodwana. Lokhu kwenzeke ngesonto eledlule ngemva kokuba kuvotelwe ukuthi ubuholi bakhe abusathembekile.
Ngokomthetho olawula ukuphathwa komasipala, umkhandlu kufanele ukhethe imeya entsha zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa kukhishwe imeya. Ziphele ngoLwesihlanu izinsuku eziyisikhombisa.
Umhlangano obubizelwe ukuzokhetha imeya entsha obekuhlelwe ukuthi ube ngoLwesine, uhoxiswe ngemizuzu yokugcina.
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu eGauteng, uMnuz Mzikayifani Khumalo uthe umthetho ucacile ngokufanele kwenzeke e-Ekurhuleni.
“Akumina oshoyo kodwa wumthetho okhulumayo. Umthetho uthi uma umkhandlu uhluleka ukukhetha ubuholi, kufanele uhlakazwe. Njengamanje sicubungula isimo, sekufanele umkhandlu ufakwe ngaphansi komthetho uSection 139.
“USection 139 uhlukene kabili. Ungakwazi ukuthi umkhandlu ungawuhlakazi ngokuphelele. Okunye ongakwenza wukuthi uwuhlakaze ngokuphelele. Lokho kungasho ukuthi kufanele kuqalwe phansi ukhetho, ukuze abantu baseku-Ekurhuleni, bezokwazi ukuvotela ubuholi obusha,” kuchaza uKhumalo.
Uqhube wathi bakhathazekile ngokuphazamiseka kokuhanjiswa kwezidingo zabantu abangaphansi komkhandlu.
UKhumalo uqhube kanje: “Imeya isebenza ngokugcwele kumasipala. Kanjalo nosihlalo bomakomiti nabo basasebenza. Ukungabi khona kobuholi kusho ukuthi abekho abantu abenza umsebenzi okufanele engabe wenziwa wubuholi.”
UMasipala wase-Ekurhuleni ubuswa ngokubambisana ngamaqembu ahlukene, okuyi-ANC, EFF namanye amancane.
I-EFF iyona ewungqo shishilizi kulo mkhandlu ngoba iphethe izikhundla ezibalulekile okubalwa esikasihlalo wekomiti lezimali eliphethwe nguSihlalo wenhlangano eGauteng, uMnuz Nkululeko Dunga, nesikaSomlomo esiphethwe nguNksz Nthabiseng Tshivhenga.
Bumuncu ubudlelwano phakathi kwe-ANC ne-EFF kulo mkhandlu.
Lokhu kwagqama kakhulu ngesikhathi kunesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNgodwana, oyikhansela le-AIC. Amakhansela e-ANC avele akhetha ukungavoti.
I-DA eyakhishwa ekuphatheni umasipala ngonyaka owedlule, ithe isisombululo ukuthi umkhandlu uhlakazwe.
Ikhansela leDA elakhishwa kwesobumeya uNksz Tania Campell, lithe basamile ekutheni bafuna ukhetho luqalwe phansi.